Ubuciko Bethu

UThwala uxoxa izindaba ze-Afrika ngeshashalazi

UThwala uthi abantu i-Afrika isalele kakhulu ngokuxoxa izindaba zayo. Abantu basakholelwa kakhulu ekujabuliseni abantu abaveteza isiNgisi.

USiyabonga Thwala

Akukho uSiyabonga Thwala odume emdlalweni wethelevishini iSibaya akukhonze njengokuxoxa indaba. Lokhu ukwenza kahle uma esemdlalweni weshashalazi ngaphezu kokuba ekuthelevishini. Yikho lokhu okumbeka emdlalweni awuhlanganyela esiteji nesinye isihlabani seshashalazi nethelevishini uWarren Masemola.

Empeleni, minyaka yonke uThwala uyakuqikekela ukuthi okungenani akube nomdlalo weshashalazi azokhwezela ngawo lolu thando lokuxoxa indaba. Kulokhu wenza akwejwayele ngomdlalo wakamuva obizwa ngeThe Fisherman. Oboniswe okokuqala eThe Market Theatre eNewtown, Johannesburg zili-12 kuNtulikazi.

Umdlalo ususelwe encwadini eyinoveli enesihloko esifanayo ebhalwe nguChigozie Obioma. Indaba ixoxwa ngabadlali ababili esiteji ngolimi lweshashalazi okuthiwa yitwo hander uThwala engu-Obembe uWarren Masemola enguBen. Indaba ingezelamani ezimbili ezihlanganiswa wumfula ezazidoba kuwo zisakhula. Uma zixoxa ngezigameko ezibuhlungu ezabhekana nazo izelamani ziphenduka abalingiswa ababesezimpilweni zazo ngesikhathi zikhula.

Uma echaza iThe Fisherman uThwala uthi lena yindaba enge-Afrika okulula ukuthi obukela umdlalo azihlanganise nayo. “Indaba imayelana nezinselelo ezifana nobuphofu yonke imindeni yaboHlanga ehlangabezana nabo empilweni. Lobu buphofu buba ngunozala wezinye izimo ezingathandeki ezifana nomona, ubuthakathi nezimpi ngaphakathi emndenini. Iyindaba yezelamani ezikhula ndawonye nemibango eba khona phakathi kwazo. Lokhu kuyadlulela uma kungabafana ababangayo. Bavivinyana amandla bangabe besabona lapho sekufanele bakuyeke lokho,” kusho uThwala. Uqhubeka athi yize abantu umdlalo bengawuqonda ngendlela yabo, unezifundo ngokwamasiko uphinde uphose inselelo ngokwenkolo eyinto enkulu kubantu base-Afrika.

UThwala uthi abantu i-Afrika isalele kakhulu ngokuxoxa izindaba zayo. Abantu basakholelwa kakhulu ekujabuliseni abantu abaveteza isiNgisi. Akushoyo wukuthi izindaba zase-Afrika ezixoxwa ngesiNgisi zilahla amaqiniso endleleni zigcine ngokuphendukezeleka.

“Indlela yokubulala umuntu wukumephuca amandla ngokumenza abone ulimi lwakhe lungabalulekile. Ulimi luhambisana nesiko nendlela yokuphila. Uma sixoxa izindaba zethu ngesiNgisi sibe singama-Afrika asibenzi ubulungiswa. Kwesinye isikhathi ubuka iSoapie kuthelevishini uzibuze ukuthi lababantu abavezwa lapha konje abakuphi nezwe?”

Ngaphandle kokuba matasa nge-Isibaya, uThwala wenza omunye umdlalo angakafuni ukunaba ngawo kakhulu okwamanje. Unenkolelo yokuthi wonke umuntu ofisa ukuzibona edlala kuthelevishini kumele kube uqale eshashalazini.

“Ukuba seshashalazini kuvuselela lowo muzwa wokuba ngumxoxi wendaba. Ithelevishini ayisoze yakunikeza lokho. Okugcizelelwa kuyo yizikhathi neminqamulajuqu. Ishashalazi likwenza udlulise imizwa ukwazi nokusabalala. Ishashalazi likunikeza ithuba lokuzigcina uphilile kwezobuciko.”

Leli ciko kulo nyaka ebeliqeda iminyaka engama-50 lidla amabele liyakuqikekela ukuthi lingadlali indima ngendlela efanayo. “Ngiyawuthanda umsebenzi wami. Ngiyawuhlonipha futhi ngiyawunakekela. Abantu abaningi banaka kakhulu udumo kuTwitter okuyisizinda futhi esingasetshenziswa ukukucekela phansi kukudalele nokhwantalala. Amaciko kufanele asebenzise izinkundla zokuxhumana ukwenza ngcono umsebenzi wawo. Akwenzi umqondo ukuveza izithombe zakho uphuza itiye. Mhla ingekho imali uyoveza siphi isithombe?” kuphetha uThwala.