Ezemidlalo

USkhosana uyalethemba elithunyelwe eDoha

KUBUKEKA isazoqhubeka ithwale kanzima iNingizimu Afrika

Luvo Mayonga Isithombe: Twitter

KUBUKEKA isazoqhubeka ithwale kanzima iNingizimu Afrika emqhudelwaneni wamazwe obizwa ngokuthi i-International Association of Athletics Federations (IAAF) Championships. Lo mqhudelwano kulindeleke ukuthi uqale namuhla eDoha, eQatar.

Okudala kube nezinsolo zokuthi elakuleli ngeke lenze kahle yingoba iqembu elimenyezelwe yinhlangano ephethe ezokusubatha kuleli i-Athletics South Africa (ASA) alinawo amava atheni.

Okunye okuzokwenza ukuthi iNingizimu Afrika ithwale kanzima yingoba abagijimi okuyibo abahlezi bebuya nezindondo bazobe bengabonwa nangokhalo kulo mqhudelwano. Labo bagijimi uWayde van Niekerk noCaster Semenya.

Kusukela ngowezi-2011 emqhudelwaneni owawubanjelwe eDaegu, eSouth Korea elakuleli alenzanga kahle. Labuya nezindondo ezimbili vo zesiliva nezimbili zethusi.

Abagijimi ababuya nezindondo uShane Victor, u-Ofetse Mogawane, uWillem de Beer, uLJ Van Zyl no-Oscar Pistorius ebangeni le-4 x 400m Relay kube uSemenya ebangeni lama-800m laba babuya nezindondo zesiliva. UVan Zyl ebangeni lama-400m Hurdles wabuya neyethusi kanye noSunette Vijoen weJavelin Throw.

Ngonyaka wezi-2013 eMoscow iNingizimu Afrika yacishe yaqopha umlando ongemuhle wokuthi ingabuyi naneyodwa indondo. Umsubathi owasiza uJohan Cronje owathola eyethusi, ebangeni le-1500m.

Ngonyaka wezi-2015 eBeijing akufananga njengoba yabuya nendondo yegolide eyodwa kanye nezethusi ezimbili. UVan Niekerk ebangeni lama-400m wabuya negolide, u-Anaso Jobodwana ebangeni lama-200m wabuya neyethusi kanye noSunette Viljoen weJavelin Throw.

Emqhudelwaneni odlule obungonyaka wezi-2017 eLondon yenza kahle kakhulu iNingizimu Afrika njengoba yabuya namagolide amathathu, isiliva elilodwa kanye nezindondo zethusi ezimbili.

Ababuya negolide kwaba uLuvo Mayongo kuLong Jump, uVan Niekerk ebangeni lama-400m kanye noSemenya ebangeni lama-800m. Kwathi owabuya nesiliva kwaba uVan Niekerk ebangeni lama-200m, kwathi uRuswai Samai kuLong Jump noSemenya ebangeni lama-1 500m babuya nethusi.

Eqenjini labasubathi abangama-31, okubalwa abesilisa abangama-26 nabesifazane abahlanu kubukeka bebahlanu okubhekwe ukuthi babuye nezindondo okungoMayongo, uSamaai, u-Akani Simbine, uJobodwana noZaney van de Walt.

UMayonga uzobe evikela indondo yakhe yegolide ayinqoba ngowezi-2017 kuwo lo mqhudelwano. Uya kulo mqhudelwano unendondo yegolide ayinqoba nyakenye koweCommonwealth Games ayeseGold Coast, e-Australia. USamaai uzofuna ukuthi okungenani anqobe indondo yesiliva njengoba ngowezi-2017 abuya neyethusi.

USimbine yena ungumpetha webanga le-100m  koweCommonwealth Games, uJobodwana naye uzofuna ukunyusa amasokisi njengoba abuya nendondo yethusi ebangeni lama-200m ngonyaka wezi-2015.

UVan de Walt webanga lama-400m Hurdles okunguyena olithemba kwabesifazane eminyakeni edlule wenze kahle ngonyaka wezi-2017 ebuya nendondo yegolide emqhudelwaneni wabaneminyaka eli-18 owawubanjelwe eNairobi, eKenya nyakenye. Emqhudelwaneni wabaneminyaka engaphansi kwengama-20 eTampore, eFinland nakhona ubuye nendondo yegolide.

Inkulumo kaMengameli we-ASA u-Aleck Skhosana ibicacisa ukuthi bafuna izindondo eziningi.

“Iqembu esiliqokile ngibona liqine ngokwanele ukuthi lingabuya nezindondo eziningi. Kule minyaka emibili sisebenze kanzima ekutheni senze okungcono. Izindondo eziyisithupha esizithole ngowezi-2017 sifuna ukuthi ziphindaphindeke,” kusho uSkhosana.

 

Selilonke iqembu lakuleli eliseQatar lithakwe kanje

Abesilisa

100m – U-Akani Simbine, uThando Dlodlo, uSimon Magakwe

200m – UClarence Munyai, u-Anaso Jobodwana

400m – UDerick Mokaleng, uThapelo Phora

800m – UTshepo Tshite

 3 000m steeplechase – URantso Mokopane

Marathon – UStephen Mokoka, uDesmond Mokgobu, uThabiso Moeng, uDavid Manja

110m hurdles – U-Antonio Alkana, uRuan De Vries

400m hurdles – ULindsey Hanekom

20km walk – UWayne Snyman

50km walk – UMarc Mundell

Long jump – UZack Visser, uLuvuyo Manyonga, uRuswahl Samaai

Shot put – U-Orazio Cremona

Abesifazane
   100m – UTebogo Mamatu

   5 000m/10 000m – UDominique Scott

   100m hurdles – URikenette Steenkamp

   400m hurdles – UZenéy van der Walt

 Javelin – USunette Viljoen

AbamaRelay:   4x100m – U-Akani Simbine, uThando Dlodlo, uSimon Magakwe, uClarence Munyai, u-Anaso Jobodwana, uChederick van Wyk, no-Antonio Alkana

4x400m – UDerick Mokaleng, uThapelo Phora, uGardeo Isaacs, u-Ashley Hlungwani, uRanti Marvin Dikgale, noLindsey Hanekom