ImibonoKhumbula ZuluUmlando Wethu

Umlando weSizwe sakwaQwabe

nguSOLWAZI uJABULANI MAPHALALA

LABA Bantu bakwaQwabe nxa kukhulekelwa emizini yabo kuyashiwo ukuthi: “Gumede!” ngoba lokho kuyisithakazelo sabo.

14
INkosi uMeseni namanye amakhosi ayezophendula kwabamhlophe ngeqhaza lawo empini kaBhambatha

Qwabe,

Mahlobo,

Sidinane,

Khuzwayo,

Simamane,

Lufutha,

Mncinci,

Khondlo,

Phakathwayo

Siyazi nokho ukuthi sekwaba khona izibongo ezizimele nje ezingoGumede kodwa lapha kwaQwabe kwakuyisithakazelo sakhona, kusukela ekutheni: “Wena weguma elide.” Phela uQwabe wabe engowaseNdlunkulu yaseBukhosini okhokho bakhe bavela esendeni likaNtu iNgonyama eyayibusa amaZulu engakasuki eNkabazwe yezwekazi i-Afrika.

INgonyama uNtu yazala uMnguni yena owazala uLuzumane, uLuzumane wazala uMalandela. Umuzi kaMalandela omkhulu wabe ukwaNkomonye lapho amanxiwa ekhona nethuna lakhe nelikaLuzumane ekhona phezu komfula iNgwegweni engenela eMhlathuze yona isuka eThaleni. Amanxiwa akwaNkomonye aseNtshonalanga yaseMpandleni, lapho sekwakhiwa khona idolobha laseNkandla.

UQwabe owayeyindlalifa kaMalandela wagcina ephume wayokwakha eNdlayangubo phezu kweNtaba iMandawe  eMpumalanga yedolobha laseShowe lapho sekukhona namuhla isiphambano esikhulukazi esagxunyekwa ngabelungu be-Da Gama Council ngoNdasa 1991. Imibhalo ekuleso siphambanokazi ithi sisho ukunqoba kweNkolo yobuKrestu eNyakatho yezwe likaMthaniya.

Yonke-ke leyo ndawo yagcina ingeyabakwaQwabe kwazise uQwabe wabe eyinkosana kaMalandela. INgonyama uMalandela yazala uQwabe njengenkosana yayo. Umnawa kaQwabe kwakunguZulu bezalwa yinkosikazi uNozidiya. Amanye amadodana kaMalandela ngoMcineka, Ngema, Mchunu noKhanyile ababengamawele.

Akazange abe yiNgonyama uQwabe noma kwakunguyena owayeyinkosana ngoba unina uNozidiya wesekela kakhulu umnawa wakhe ngemfuyo yezinkomo ezimhlophe ezagcina ziyintandokazi eNdlunkulu.

Wathutha wahamba naye unina uNozidiya kwagcina kunguyena iNgonyama kwazise wayesenemfuyo eningi, ekwazi nokunakekela abantu.

Waqhubeka-ke uQwabe wahlala ngaseNdlayangubo wazala inkosana yakhe uMahlobo okungumuntu munye noNtombela. Abanye abazala ngoGcabashe, Mayezi, Sishi, Njapha nabakwaMnganga. Indlalifa kaMahlobo nguSidinane owazala uKhuzwayo inkosana yakhe.

OPhahla noGumbi babengamawele. Ekubelethweni kwabo kwazalwa uPhahla kuqala, kwathi esephumile unina wamemeza ethi “ngibambeni kukhona omunye oseceleni.” Kwathi uma ababembelethisa bembamba kwazalwa uGumbi.

Wethiwa ngoGumbi ngoba ephume egunjini esezelwe uPhahla owayeliwele elalivele kuqala.

Ngakho-ke kuze kube namuhla lokhu abakwaPhahla nabakwaGumbi abaganani. AbakwaPhahla, Gumbi nabakwaSishi bonke bavela esendeni likaMahlobo. Inkosi uKhuzwayo yayinenzalo eningi kakhulu, yaphinde yabusa isikhathi eside kakhulu. Kwathi isindala kakhulu yahlatshwa ukugula yashona.

Ngemuva kwalokho umndeni wakhipha isinqumo sokuthi isizwe siyotheza izinkuni eziningi ezabekwa phezu kwedwalakazi zaze zaba yindundumakazi. Lokhu kwenzeka emfudlaneni iNkwaveni lapho uhlangana khona noMhlathuze kwazise abakwaQwabe babehlala eduze kwalowo mfula.

Ngemuva kwalokho isidumbu senkosi uKhuzwayo sabekwa kahle ngaphansi kwaleyo ndundumakazi yezinkuni kwathungelwa ngomlilo. Isidumbu sasha saba ngumlotha. Lowo mlotha washanyelelwa emfudlaneni iNkwayinye lapho uhlangana khona nomfula uMhlathuze, entabeni iNqoklweni.

Namuhla uma kukhulunywa ngedlinza lenkosi uKhuzwayo kukhonjwa lelo dwala eliyisicaba eyashiselwa phezu kwalo entabeni iNqoklweni. Akuqondakali ukuthi imbangela yokuthi uKhuzwayo ashiswe yabe isukelephi.

E-Afrika abantu babengashiswa kodwa kwakumbiwa amathuna bafihlwe khona inkosana kuyiyo ehlaba isoyi lokuqala ibe isima enhloko yethuna iphethe umkhonto kayise lize liphele ukumbiwa.

Kunemidlinzo nje ethi kungenzeka ngoba wase ehlale kakhulu emhlabeni ukuthi kwakwesatshwa abathakathi ukuthi bazomumba bathakathe ngaye. Ayikho-ke enye inkosi yakwaQwabe eyake yashiswa kwaqala kwagcina ngaye uKhuzwayo.

Umkhuba wokushiswa kwezidumbu kwakungowamazwe ase-Europe nase-Asia. Wona ayeshisa izidumbu ngoba amazwe awo emancane engafuni ukuthi amathuna aqede leyo ndawo. Futhi-ke ayengahlali ndawonye ayehamba akhe isikhashana bese eqhubekela phambili. Lapha-ke e-Afrika indawo yayiningi kakhulu singekho isidingo sokuyonga ngokushisa izidumbu zabantu.

Indlalifa kaKhuzwayo nguSimamane umkakhe owayengunina kaMfunda owazala iNdlovukazi uNandi eMthinemide eLangeni enhla nomfula uMhlathuze, lapho sekulipulazi lomlungu uH Osborn.

Siyazi ukuthi uNandi wazala iNgonyama uShaka eyahlanganisa izizwe zamaZulu ukuba zibhekane nezitha zabelungu ezase ziqalile ukuhlasela kwaXhosa. Indlalifa kaSimamane nguLufutha umnawabo okwakunguMakhanya.

Nasiya isizwe sakwaMakhanya eMbumbulu. Sasikade sakhe ngasemfudlaneni iNonothi. Yena uMakhanya wazala uMnengwa owazala uDuze, uDuze wazala uMakhutha. Okuhle ukuthi namhlanje kunendawo eyagcina igama lakhe. Indlalifa kaMakhutha nguMntambo owayeneminyaka engamashumi amane ngonyaka we-1904 esadla anhlamvana. Amanye amadodana kaKhuzwayo ngoDonda, Mngwabeni, Poyi, Dlamuka, Ndingi noDweba.

Inkosana kaLufutha nguMncinci indodana yakhe uSophane eyahamba noNqetho bayokhonza eNgonyameni uShaka ngenkathi kuhlanganiswa izizwe zamaZulu ngemuva kokunqotshwa kukaPhakathwavo kaKhondlo.

Inkosana kaMncinci nguKhondlo induna yakhe okwakunguMbokazi. Wayezele kakhulu uKhondlo. Amanye amadodana aphuma okhalweni lwakhe ngoNqetho noGodide owazala uMamfongonyana.

Uthunjana kaKhondlo ngu Vubukulwavo. Inkosana yakhe uKhondlo nguPhakathwayo:

Yethi! Ayakhuyek’ amabandla kaSodlabehlezi!

uSodlabehlezi wakoMkhweyeya!

Obizwe kwaBhekisa wavuma,

Amakhos’ ebizw’ iminyakanyaka.

uNgqwashiY’obomvu wanguGodolozi,

Omabal’ azizinge sengath’ abekiwe.

Odl’ izinkom’ engafun’ inxaba,

Inxaba nguMazansi waseNhlanzini.

uGqigqi abambuyey’ ezindlwaneni;

uNokufukuthway’ omnyama,

Abamfukuth’ ezinhlangeni.

Ngesikhathi seNkosi uPhakathwayo isizwe sakwaQwabe sasisikelene nesakwaDube esasiholwa nguNzwakele kaKhushwayo wakwaGubhethuka umuzi wakhe, esasakhe eMhlathuze. Leyo ndawo kwakuthiwa kuseHlangeni ngoba umhlanga wakhona umkhulu.

Kwakuyizwe elaligcwele izinyathi. Isizwe sakwaQwabe sasikhuphuka njalo ngomfula kuze kuyofika eMthonjeni womfula uMlalazi.

Umthombo kaKhondlo wawuseduze kwalapho iSilo uMpande sakha khona umuzi waseZulwini [owagcina ususiwe kwakhiwa oka Yamela Shange waseNkanini] ngowe-1883.

Izwe lalihamba lize liyovinjwa uThukela lapho kwakwakhe khona uNqetho. Lalize lizithathe zonke izintaba zoNgoye.

Emfudlaneni iNwaku kunethuna likaKhondlo.

Kwakuthi abakwaQwabe uma sebethukuthele bethelwa ngamanzi bathi: “ngifung’ uKhondlo eseNwaku.” ENtumeni kwakwakhe amaMbedu abakwaQwabe.

Amathuna oLufutha noMncinci aseMatigulu lapho umfudlana iNwaku ingenela khona emfuleni iMatigulu. Umuzi kaPhakathwayo omkhulu owawakhe lapho kwagcina sekungumuzi waseHabeni khona. Igama 10 muzi kwakuseMasundwaneni. Unina wakhe kwakunguZunguse wakwaMngadi.

Umnawa kaKhondlo kwakunguGodolozi. Amanye amagama ayebizwa ngawo kungo Nkunzembi noZinwedlana.

Iqhawe elagqama lawedlula wonke amaqhawe akwaQwabe ngesikhathi soNomo, nguMkhonjwa kaMhlaba Sishi:

uNomaxoko!

uMhlabisandlovu!

uMnumzan’ ozihlabanelayo.

Usendis’ umkhonto nodadewabo,

Udadewabo uNomaxoko. [kwaliwa mhla egana kwagwazwana]

Ngesikhathi seziNgonyama oDingane noMpande isizwe sakwaQwabe sawela uThukela. Lokhu kwakulandela ukuhlatshwa ngomkhonto engalweni kweNgonyama uShaka, izinyanga eziyisithupha abelungu befike kwaZulu ngoNhlaba 1824.

Lowo mkhonto wawuqhamuka esixukwini. Kwasolwa abantu bakwaQwabe ngoba isibambo sawo sasenziwe njengemikhonto yakwaQwabe. Empeleni lokhu kwakungukuqala kokusebenza kwesandla sesithathu kwaZulu okwakuhlelwe yilona idlanzana lamaNgisi ukudala ukungethembani kumaZulu.

Abelungu base bekwazile ukuxabanisa izizwe zamaXhosa phesheya kweNciba.

Laba abanikwa iziza yiNgonyama uShaka babeyinto eyodwa nalabo ababelwa kwaXhosa.

AbakwaQwabe bagcina besukile lapho babakhe khona bayokwakha kwaMaphumulo lapho kwakhiwa khona umuzi waseMthandeni.

  • Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando Wamakhosi Esifundazweni saKwaZulu, Umqulu I. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918
Show More

Ezinye izindaba

11 thoughts on “Umlando weSizwe sakwaQwabe”

  1. Ewu ngiyezwa, bengisacela ukhiphe owakwa Shabalala umlando baba Mtaka.

  2. Ngicela ukuthola umlando ngesizwe sakwa Dweku othakazela ngokuthi Mpumuza, Ntshinase, Ntshibela, Mzongwane noNzela.

    1. Ngiyidinga kakhulu lolo lwazi kodwa singasizakala kubantu abadabuka ezindaweni Highfats nase Xobho. Mina ubaba ongizalayo wakhe e Adams Mission esuka eJolivet, Hluthankungu , nakwanokweje eXobho. mina ngakhe e Newlands East

  3. Sicela usisize ngomlando wesibongo saka Mahole,kunokudideka okukhulu,abanye bamatswana(sotho) abanye amatsonga bese kuba Khona amazulu. Ekhaya besizazi singamatsonga kodwa umkhulu wabiza umndeni phambi kokuthi endlule emhlabeni,walandisa abebakhona indaba yesibongo.kwashintsha manje sesi ngamazulu.

  4. Bengsafisa ukwaz ngezthakazelo ukuthi zisuselwaphi.
    Ingabe kuyiqiniso yini ukuthi uNandi(umama kaShaka) uzala inkosi uShaka.
    Izona ziphi izithakazelo zikaQwabe ezisemthethweni.
    Bengfisa ukwazi ukuthi iNkosi yakwaQwabe ibongelwa kanjani.

  5. Awu Mhleli

    Sasingekho isizwe sama Zulu enkabazwe. Inkosi uShaka owabumba isizwe samaZulu ngo 1860 yikho ngonyaka ozaya sizobe sigubha 200 years.

    Yikho Mhleli kufanele siqhaphele esikubhalayo. Ebukhosi bezizwe zabeNguni kusadingeka kesihlaziye ukuhleleka nokuhlukana kwezikhundla nemigomo yombuso. Ikakhulu Ubukhosi, Inkosi, Ingonyama – Ingwenyama, Isilo, Ikumkane, izinduna namakhosana. Lokhu kosiza kakhulu.

  6. Ngicela ungithumelele umlando wakwa Gumbi nahlobene nabo
    Ngiyabonga

  7. Ukubonga ngolwazi iBayede News esinika lona ngendabuko yethu nangizibongo zethu. Ume njalo Bayede

  8. Ngiyabonga ngomlando wami kodwa nginendaba enkulu ngobukhosana buka Sophane ozala umkhulu wami uNjakaba ozalwa kwaLunganaye

  9. Siyabonga ngokusicobelela
    Ngicela ungiphe Umlando wakwaMntambo nowakwaDumakude.

  10. Indawo okuthiwa iseShowe naseMandawe ayikho eMpumalanga, iKwaZulu-Natal. Ngicela nikulungise lokho.

%d bloggers like this: