Ukuphindile uMpengesi exosha umqeqeshi

KUNGAKAPHELI ngisho isigaba sokuqala seligi i-Absa Premiership, uSihlalo weChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi usekhmbe indlela uClinton Larsen.

Lokhu kwenzeke emva kokuthi iChilli Boys (iChippa United) iguqiswe i-Orlando Pirates ngamagoli amabili kwelilodwa emdlalweni obungoMgqibelo. ULarsen ubesehlale izinyanga eziyisishiyalombili kuleli qembu njengoba afika kulona ngoMasingana nonyaka ephuma kuLamontville Golden Arrows esiqeqeshwa uSteve “Mphathi” Khompela.

Efika uLarsen ethatha izintambo ku-Eric Tinkler   izinto zazingayihambeli kahle iChilli Boys kodwa ngamava anawo wayisiza ekutheni ivike izembe, yagcina isonga isizini ilele endaweni ye-12.

Kwenzeka lokhu nje uLarsen ubesanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili. Okwenzeke kulo mqeqeshi odabuka eThekwini kuyinto engathusi  njengoba beyinqwaba abaqeqeshi abaxoshwa kuleli qembu. Abanye ngoRoger Sikhakhane, uTeboho Moloi, uFarouk Abrahams, uMark Harrison, uJoel Masutha noDan Dance Malesela.

 

Comments are closed.