Ubuciko Bethu

Qathatha uBlack Coffee neMusic is King, kuyodel’umakhasana

EGoli naseThekwini akulalwa kulo Zibandlela. UBlack Coffee ubuya nobumnandi abuzwise abantu okokuqala ngonyaka wezi-2018.

EGoli naseThekwini akulalwa kulo Zibandlela. UBlack Coffee ubuya nobumnandi abuzwise abantu okokuqala ngonyaka wezi-2018.

Kulokhu uphethe abaculi abahamba phambili kuleli, ezobuciko nemfashishini ngakho-ke lena yikhonsathi yomculo okungafanele abantu abazifela ngobumnandi ibaphuthele.

Izinto ziqala ukwenzeka ziyi-14 kuZibandlela eTicketPro Dome eGoli bese kuthi ngakusasa ziyi-15 zidume ezinkundleni ezingaphandle kweKings Park Stadium eThekwini.Nangonyaka owedlule kwakuboshelwe abaculi abangaconsi phansi kubalandeli bobumnandi abafana noNasty C, oLady Zamar noRiky Rick. Kulo nyaka emakhonsathini amabili elaseGoli naseThekwini kuboshelwe abaculi abayizintandokazi kubathandi bobumnandi kanti ikhonsathi lizoba linye isifundazwe ngasinye.

Munye umculi oqhamuka ngaphandle kwakuleli e-United Kingdom. Lowo nguTom Misch. Waziwa ngezingoma ezifana nethi, You’re on my mind; It runs through me nezinye.Kubaculi bangaphakathi kuleli ofike njengetsunami emculweni wuSamthing Soweto igama lakhe langempela okunguSamkelo Lelethu Mdolomba ongumculi nomqambi wezingoma. Amaalbhamu adume ngawo yi-Echo of Kofifi, iVal’amehlo namanye kanti umhlaba uqala ukumbheka ngelibanzi yingesikhathi ehlangana noSun-El Musician beqhamuka nengoma ethi, “Akanamal’ kanti ubecula neThe Soil kusukela ngowe-2003.

Omunye abazomjabulela abathandi bobumnandi wuJabulani Hadebe owaziwa ngelikaSjava. Uqhamuke nesitayela somculo esingajwayelekile. sokucula ngolimi lwakhe lwebele. Bakhona nasebekhethe ukuvele bamlandele uSjava.

Omunye walaba nguMlindo The Vocalist naye ocula ngesigqi esifanayo. Uhla lwabaculi ndawo zombili lumi kanje:

Tom Misch

Black Coffee

Distruction Boyz

Moonchild Sanelly

Sjava

Jazzi Disciples

Samthing Soweto

Ezikhulumela uBlack Coffee ubalule ukuthi abakufunayo lapha ukujabulisa abathandi bomculo ngaphandle kokubheka ukuthi hlobo luni lomculo abaluletha kubathandi bobumnandi.

“Sifuna abantu bazojabulela umculo. Lo unyaka wesibili siba nalo mcimbi kanti sijabule kakhulu. Sisebenza namaciko akwaziyo akufunanyo nabakwenzayo abahamba phambili e-Afrika nokuyinto esifisa yenzeke njalo uma sinedili lomculo iMusic is King. Asifunanga ukusebenza ngabaculi abadume manje ngoba inhloso akukhona ukudayisa amathikithi ngokushesha kodwa sifuna abantu abazosinikeza into enomsoco. Sinakho ukuthi bonke abaculi esibaqokile bazosinika into esiyifunayo.”

Kuyiqiniso ngoba uma umuntu elandela ngamehlo uhla lwabaculi abazobe belaphaya kusobala ukuthi kuzoba mnandi.

Amathikithi aseyatholakala kuWeb tickets.

Leave a Reply