Ezemidlalo

Oyiqaqa kwabePSL usezoqeqesha iLeopard

YIZE kade kunezikhalo ngoLuc Eymael ezivela

ULuc Eymael noSteve Komphela kweminye imidlalo yePSL.

YIZE kade kunezikhalo ngoLuc Eymael ezivela kwabanye abaqeqeshi abafana noSteve “Mphathi” Komphela kanye noGavin Hunt, kuphele elayizolo esemenyezelwe njengomqeqeshi omusha weBlack Leopards.Lo mqeqeshi odabuka eBelgium  uqashwa iLeopard nje isanda kukhomba indlela uLionel Soccoia kanye nesekela lakhe uPatric Mabedi.

Izikhulu zeLeopard ziqasha u-Eymael  nje ingoba zifuna imiphumela engcono, kusukela ivuliwe iligi yaku lesizni isidlale imidlalo eyi-6 inqobe owodwa yahlulwa kwemithathu yabe isidlala ngokulingana kwemibili. Lo mqeqeshi wasiza iFree State Stars ukuthi inqobe isicoco sokuqala emva kweminyaka engama-24 okuyiNedbank Cup.

UKomphela ubekade enxuse amaqembu adlala ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), ukuthi angalinge aqalaze kulo mqeqeshi (esho u-Eymael). Lokhu kulandela imibiko yokuthi u-Eymael ufaka ingcindezi emaqenjini asuke ewaqeqesha ukuthi avuselele inkontileka yakhe kungenjalo uzobona afika ngayo.