Ezemidlalo

Liyathembisa iqembu elimenyezelwe uNotoane

nguSABELO MAPHUMULO

 

UMQEQESHI weqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka engama-23 umemezele isikwati sabadlali abangama-25 esiqinile.Kulabadlali ababizwe uDavid Notoane kubalwa abadlali emaqenjini aphesheya kwezilwandle nabenza kahle ku-Absa Premiership.

Leli qembu kulindeleke ukuthi  litholane phezulu neZimbabwe okuzobe kungumlenze wokuqala wokuhlungela ukungena emqhudelwaneni omkhulu lapha e-Africa, obizwa ngokuthi i-African Cup of Nations (AFCON) ezoqala mhla ziyi-8 ize isongwe mhla zingama-22 kuLwezi nonyake e-Egypt. Lo mdlalo uzoba mhla zinhlanu kuMandulo, uzobanjelwa eMilpark Stadium bese kuthi ngesonto elilandelayo kudlalwe umlenze wesibili wona ozobanjelwa eNational Sport Stadium, eHarare eZimbabwe.

UNotoane obeqeqesha iMamelodi Sundowns Reserve egijima kuMultichoice Diski Challenge (MDC), eqenjini lakhe abanye abadlali ababizile uBongani Sam we-Orlando Pirates, uSipho Mbule owenza izimanga muva nje kuSupersport United. Abanye uLuther Singh weMoreirense FC yasePortugal, lo mgadli uhlezi eyingozi phambili njengoba abuye abizwe kuBafana Bafana, kube uLyle Foster yena odlalela iqembu elikhulu eFrance iMonaco egijima kuLigue 1.

Ngaphambi kwalo mdlalo la mazwe adlalile esigabeni sokuqala lapho iNingizimu Africa yayitholene ne-Angola yayibhaxabula ngamagoli ayisithupha kwelilodwa sekubalwa imlenze emibili. IZimbabwe eteketiswa ngokuthi iThe Warriors yatholana phezulu neMozambique eyayihlula ngamagoli amabili eqandeni sekuhlanganiswa imlenze yomubili. Uma ezikaNotoane zinganqoba ngobe sekusho ukuthi zisemathubeni okungena emdlalweni yama-Olympics azoba ngowez-2020 eToyko. Umdlali okungenzeka angabonakali uKeletso Makgalwa olimale kabuhlungu izolo kusihlwa ezakhe iMamelodi Sundowns kade zibhekene neCape Town City emdlalweni we-Absa Premiership.

  • Onozinti: Mondli Mpoto (weBloemfontein Celtic), Darren Johnson (we-Ajax Cape Town), Andile Mbanjwa (weRichards Bay)
  • Izitobha: Siyabonga Ngezana (weKaizer Chiefs), Keanu Cupido (weCape Town City), Sandile Mthethwa (weChippa United), Kabelo Seriba (weFC Metta, Latvia), Sibusiso Mabiliso (wa-AmaZulu), Bongani Sam (we-Orlando Pirates), Tercious Malepe (weChippa United).
  • Esiswini: uTeboho Mokoena , uJamie Webber, uSipho Mbule,  noKamohelo Mahlatsi (beSupersport United) , u-Athenkosi Dlala (we-University of Pretoria), uGift Links (weCape Town City), uKeletso Makgalwa (weMamelodi Sundowns), uGrant Margeman (we-Ajax Cape Town), uThabo Cele (weCova da Piedade FC, Portugral), Khaya Leshabela (weLeicester City, England)
  • Abagadli: uLuther Singh (weMoreirense FC, Portugal), uJemondre Dickens (weBaroka FC), uLyle Foster (weMonaco, France), uLiam Jordan (weHB Koge FC, Denmark), uKobamelo Kodisang (weSporting Braga, Portugal)
Show More

Olunye udaba

Close