Lidonsa kanzima elakuleli eDoha

0

LIBUKEKA lithwele kanzima iqembu lakuleli labasubathi elithunyelwe eDoha, eQatar. Leli qembu eliyingxenye yomqhudelwano i-International Association of Athletics (IAAF) World Championships. Lo mqhudelwano uqale zingama-27 kuMandulo uzosongwa ngeSonto.

Ezibuhlungu ngukuthi elakuleli alikanqobi neyodwa indodo selokhu kuqale le midlalo. Elakuleli lithumele abasubathi abangama-31 kodwa obekuphawuleka ngalo ukuthi abekho abagijimi abajwayele ukubuya nezindondo okunguCaster Semenya noWayde van Niekerk. Okuqinise idolo leli qembu nabalandeli ubukhona bukaLuvo Mayonga obevikela indodo yegolide, u-Akani Simbine ongumpetha webanga lama-100m koweCommonwealth Games.

NgoLwesibili kucacile ukuthi lithwele kanzima elakuleli ngesikhathi uMayonga ehluleka ukuvikela isicoco sakhe eqeda endaweni yesine kwezokugxuma. Uzakwabo yena owanqoba eyethusi nyakenye uRuswahl Samaai uqede endaweni yesihlanu. Kwezokugijma u-Akani ulale isine ebangeni lama-100m.

Kuqhubekile ukungenzi kahle kwabasubathi bakuleli maphakathi neSonto njengoba u-Antonio Alkana esigabeni samabanga angama-110m hurdles, uThapelo Phora esigabeni sama-400m bahlulekile ukungena kowamanqamu kulandela ukuphuma esigabeni esandulela owamanqamu.

INingizimu Afrika yagcina ngowezi-2007 ukungabuyi neyodwa indondo kumaWorld Championships, Ngesikhathi elakuleli liyingxenye yalemidlalo eyayibanjelwe e-Osaka, Japan.