iBayede Kuleli Sonto

Kungenzeka ukuthi iFrance inesandla eLibya

nguNGQESHE BUTHELEZI

 

KUNGENZEKA yini ukuthi sikhona isandla semfene ngodlame oluhambisana nokubulawa kwabantu eLibya kulandela ukuvuma kweFrance ukuthi ombayimbayi abatholwe esizindeni sezempi eLibya ngabayo. Ukuvuma kweFrance ngaphansi kobuholi bukaMengameli u-Emmanuel Macron kuqinise izinsolo zokuthi inaso isandla empini yomkhaya eqhubekayo eTripoli okuyinhlokodolobha.

Kwabaningi akwethusanga ukuvuma kukaNgqongqoshe Wezempi eFrance ukuthi ombayimbayi abatholwe uGeneral uKhalifa Haftar ophethe ezempi eLibya, bebethunyelwe ukuyovikela uphiko lwezempi lwaseFrance kuleliya lizwe. Bebezophinde basetshenziselwe ukuqhuba ezobunhloli bavimbe nozinzo abakholelwa ukuthi ngezobushokobezi. “Labo mbayimbayi bebengakasebenzi kodwa bebegcinwe okwesikhashana edepho belindele ukusetshenziswa,” kusho isitatimende esithunyelwe iFrance ngoLwesithathu.

Isitatimende seFrance siqhuba sithi izikhali ezitholwe ezintabeni esiseningizimu yeTripoli ngamasosha azwelana noHulumeni owesekwa yi-United Nations, bekungaqondiwe ukuthi ziyodayiswa noma ziyodluliselwa kolunye uhlangothi olusempini eLibya. Isitatimende asizange sichaze ukuthi mangaki amasosha aseFrance aseLibya nokuthi kungani eseduze kakhulu nesizinda iGheryan okungesamavukelambuso esingalapho kuyikomkhulu lezempi eLibya.

Kubuye kwatholwa namagobolondo asetshenziswa ezimpini akhiwa eChina anombhalo wase-United Arab Emirates (UAE).  Isiga sokutholakala kwalezi zikhali kuqale kwabikwa yiphephandaba iNew York Times. Sekubulewe abantu abangaphezu kwenkulungwane, amakhulu asala dengwane kusukela uGeneral uHaftar  aqala ukuhlasela iTripoli ngenhloso yokuqumba phansi uHulumeni owesekwa yi-United Nations obizwa ngeGervenment of National Accord (GNA), ngoMbasa. IFrance, njengawo wonke amalungu e-United Nations Security Council,  ithatha njengosemthethweni uHulumeni owesekwa yi-UN iGovernment of National Accord.

Ezinye izingqapheli zigxeka iParis ngokungena ngengalo nesiphanga ezindabeni ezingayithinti ibukele phansi i-European Union. Umhlaziyi wezepolitiki eLibya uJalel Harouchi, ozinze esikhungweni iClingedael Institute, uthi ukutholwa kwezikhali nombayimbayi kwenza kube nzima ukungakholwa ukuthi iFrance kukhona uhlangothi ehamba nalo kule mpi yomkhaya.Uthe sekuneminyaka izama ngakho konke ukweseka uMarshal Haftar, ukuze ehlule imbangi yakhe athathe amandla ombuso eLibya.Ithimba eliqaphe isimo le-UN  elitshalwe eLibya ngeledlule lakhipha isitatimende lithi umnyombo wale mpi ngubugebengu ngoba kubulawa abantu abangenacala abaqube ezindlini zesikhashana ngenxa yokubalekela izimpi

I-African Union  ifuna kuphenywe kabanzi ngalokhu kuhlasela ukuze kuboshwe abathintekayo. Balinganiselwa kuma-600 abantu abagcinwe ezikhungweni zesikhashana  okuhlanganisa abesifazane nezingane abangasenalo imuva nephambili.Abe-United Nations High Commissioner for Refugees (NHCR) babhale enkundleni yokuxhumana ukuthi: “Ababaleki akumele baqoqelwe ndawonye sakubabopha. Umphakathi akumele uhlalele ovalweni lokuhlaselwa. ILibya akuselona izwe eliphephile ukuthi umuntu angabuyela kulo. Amazwe anezwi elizwakalayo kumele angenelele ukuze kuqedwe le mpi.”

Show More

Ezinye izindaba