Kunesidingo sokuqala iBhayibheli laboHlanga

YINI ebanga ukuthi kuleli lizwe kungahlalwa phansi kwakhiwe iBhayibheli lethu thina ma- Afrika, esingeke silibize ngegama elithi ‘iBhayibheli’ kodwa siqhamuke nelinye igama ngoba leli akusilona elaboHlanga. Okwesibili ngeke lasetshenziswa igama elithi ‘Nkulunkulu’ kodwa kusetshenziswe igama elithi ‘Mvelinqangi’.

Njengoba kwenziwa eBhayibhelini elikhona, kungakuhle sicabangeni ngeNcwadi kaNobantu; Incwadi kaKintu; incwadi kaMnguni; incwadi yawo wonke amadodana kaMnguni; incwadi kaHintsha; Incwadi kaSkhukhuni; incwadi kaXhosa; incwadi kaLuzumane; incwadi kaSenzangakhona; incwadi kaShaka; incwadi yazo zonke iZingonyama ezakha zabusa isizwe sikaZulu; incwadi yeNgonyama uCetshwayo nokuboshwa kwakhe ngabelungu; incwadi ngomlando waseNdlunkulu kaZulu; incwadi ngomlando wazo zonke izimpi ezaliwa nguZulu evikela isizwe sakwaZulu; incwadi ngamaqhawe akwaZulu aqavile; incwadi ngezanusi ezazidumile kwaZulu; incwadi ngezangoma zakwaZulu; incwadi ngesanuse esikhulu esisaphila uCredo Mutwa. Ziningi kakhulu izincwadi eziyokwakha iBhayibheli labeNguni ngoba kuyoba khona izincwadi ezikhuluma ngezizwe zonke zabeNguni.

Eyethu iGenesis iyokhuluma ngeNkosi uHam owazala indodana uKush okunguye owazala isizwe sama-Afrika, esasuka lapho sagcwala umhlaba wonke jikelele. Siyokhuluma ngokufi ka kwabamhlophe kuleli bezofaka inkolo yabelungu; siyokhuluma ngoNzobo wakwaNtombela owatshela abefundisi babelungu befi ka kuleli ukuth;i ‘Thina maZulu sineyethu iNkosi, futhi sinowethu uMvelinqangi’, hhayi uNkulunkulu lo enimbiza ngoJehova. Ngeke nje lisetshenziswe igama elithi ‘Jehova’ ngoba alikho esiZulwini.

Lelo Bhayibheli liyokhuluma ngamathongo esizwe sakwaZulu; liyokhuluma ngobudlelwano phakathi kwethongo noMvelinqangi; liyokhuluma ngendlela uMvelinqangi akhonzwa ngayo, hhayi ukuya endlini yeSonto wonke amaSonto kuyofunwa izimali zabantu. Liyokhuluma ngendlela akhonzwa ngayo amadlozi. Liyokhuluma ngamazinga amadlozi. Liyokhuluma ngokubaluleka kokushisa impepho, nokuthi athethwa kanjani amadlozi. Liyokhuluma ngokuthemeleza ukuthi kusho ukuthini, liyokhuluma ngamasiko esintu njengoba sawaphiwa nguMvelinqangi. Liyositshela ngomhlosi nangokuqholisa. Liyositshela ngokuthi luhlobo luni lwedlozi umnono.

Kulelo Bhayibheli ngeke abekhona umuntu obizwa ngoJesu, kodwa yebo liyokhuluma ngoMoya Ongcwele kaMvelinqangi. Liyokhuluma ngoSathane liyokhuluma ngezingilosi zikaMvelinqangi; ngezinkanyezi, ngesibhakabhaka ngezwe labaphansi nokuthi lixhumene kanjani nezulu lapho kuhlala khona uMvelinqangi. Lelo ‘Bhayibheli’ liyosishumayeza ukuthi amasiko esintu agcinwa kanjani ukuthi yini umemulo, yini umhlonyane futhi kwenziwa kanjani. Likhulume ngokuthi ubuyiswa nini futhi kanjani umuntu oseshonile. Liyositshela ukuthi yini imbeleko futhi yenziwa nini makwenzenjani. Liyosilandisa ukuthi intombi nxa iyokwenda ikhishwa kanjani ekhaya nokuthi yini umbeka nomkhehlo.

Okukhulu ukuthi lelo ‘Bhayibheli’ liyosifundisa ngenhlonipho nangobuntu bethu njengama- Afrika. Imithetho eyishumi kaMose siyibize ngemithetho kaMvelinqangi njengoba yaqhamuka nabaseKhemethi okulindeleke ukuba umuntu aphile ngaphansi kwayo. Lolu hlobo lwe‘Bhayibheli’ liyokwakha imithetho yokukhulisa izingane zesilisa kanye nezingane zamantombazane, ukuthi umhlaba uyini futhi uMvelinqangi nomphakathi umbuka kanjani umuntu ongayigcini imithetho kaMvelinangi. Liyosifundisa ngosikompilo lwesintu lokuzithiba, lokuhlonipha, lokupha lowo osweleyo ophila emphakathini. Liyofundisa abantu bakithi ngokubaluleka kokuqeda indlala phakathi kwesizwe ukuze sikwazi ukufunda ukuthi kwenziwani nxa umakhelwane elambile nami ngilambile, nxa esuthi, nami ngisuthi. Liyochaza kabanzi ukuthi kusho ukuthini ukuthi ‘umuntu ngumuntu ngabantu’; kumbe ‘inkosi iyinNkosi ngabantu’; yiziphi izinhlobo zomphefumulo, kumbe yini yona umphefumulo.

Encwadini yakhe ethi ‘INgonyama UMalandela, 2014’, uNtombela uthi: uNzobo kaSobadli kaDlukula, watshela ekhaleni u-Allen Gardiner ukuthi ‘amaZulu awazimisele ukuzwa ngeBhayibheli futhi awazimisele ukuzwa ngenkolo…’. Lelo ‘Bhayibheli’ esikhuluma ngalo liyochaza kabanzi ukuthi yini injula yale nto eyayishiwo uNzobo.

Njengesizwe sakwaJuda esitholakala eBhayibhelini nathi siyobeka umlando wesizwe samaZulu kusukela ekuqaleni kuze kuyofi ka esikhathini esiphila kusona. Inkulumo ethi; ‘Lion of Juda…’ iyophenduka ithi; ‘Lion of Zulu’.

UMnu uMfuniselwa Bhengu ungumbhali wezincwadi. Kemet: The Genesis of Genesis, AmaZulu: Ancient Egyptian Origin. Lezi zincwadi zitholakala kwa- Adams & Griggs, eThekwini. Olunye ulwazi ungaluthola ngokuthintana nombhali ngeimeyili: mjbhengu@iafrica.com

Comments are closed.