Imbiza

Kugiya amaciko abesifazane eThe Playhouse

nguDEZ KHUMALO

 

KUYA ngamagama enkehli ngemigubho yobuciko eqhakambisa ubuqhawe babesifazane  kule nyanga.

Ushikishi ngaphansi kwehlandla lama-23 leSA Women’s Festival (SAWAF) luqale ngoLwesithathu eThe Playhouse. Kunemidlalo yeshashalazi, umdanso, imisebenzi yezandla nezingxoxo ezehlukene kuze kubhanselwe ngemibukiso yamahhala.

Yonke lena yimisebenzi engumphumela wemiqondo yabesifazane okuqhakanjiswa iqhaza abalibambile emikhakheni eyehlukene eNingizimu Afrika. Lokhu kuzoqhubeka kuze kube nguMgqibelo.

IShirley Valentine

Eqhulwini kunomdlalo kaWilly Russel iShirley Valentine okuhamba phambili kuwo isithandwa seTheku uLisa Bobbert oseke wabonakala kuMy Fair Lady, i-Abbamaniacs, iCabaret, iLittle Shop of Horrors, iGlitter Girls ne-Into the Woods okuyimidlalo eyamnqobisa  izindondo ezintathu kuDurban Theatre Awards ngowe-2008 okwaba yiBest Actress, Best Solo Performance neBest Comic Performance (female).

IShirley Valentine yaphendulwa ifilimu ngowe-1989 kanti inomyalezo onika ithemba ogxile kumuntu ongenamaphupho empilweni kodwa ozithola esethubeni lokuguqula impilo yakhe abe ngumuntu ongcono.

Lo mdlalo oqale ngoLwesithathu uzoqhubeka kuze kube nguMgqibelo ePlayhouse Drama Theatre. Amathikithi ayatholakala ePlayhouse Box-Office noma ngokushayela inombolo (031) 3699 596/40 noma kuPick ‘n Pay Webtickets (ngemibuzo kungashayelwa inombolo u-086 111 0005).

ITrafficked

Omunye umdlalo weshashalazi yiTrafficked eholwa yiPhakama Dance Theatre ephekwe ngaphakathi eThe Playhouse. Lapha kuhamba phambili abadansi abangoLeagan Peffer, uNkanyiso Kunene noSandile Mkhize.

USandile Mkhize oyi-Artistic Director uyena ohola ithimba labadansi nohlanganise umdanso ohambisana nalo mdlalo oqhakambisa ukuthunjwa kwamantombazanyana ayokwenziwa izigqila ngezindlela ezinhlobonhlobo.   

ITrafficked wumdlalo osuselwe emlandweni wempilo kaSaartjie Baartman owathunjwa kwayohlekiswa ngaye eYurophu ngekhulunyaka le-19. Umdlalo useLoft Theatre eThe Playhouse kuze kube wuNcwaba ziyi-10 lapho uyoboniswa kabili ngelesi-3 ntambama nangelesi-7 kusihlwa.

Amathikithi ayatholakala ePlayhouse Box-Office noma ngokushayela inombolo (031) 3699 596/40 noma kuPick ‘n Pay Webtickets (ngemibuzo kungashayelwa inombolo u-086 111 0005).

Idili lomculo

UVumile Mngoma ophakathi kwabazonandisa. Isithombe: The Playhouse.

NgoLwesihlanu ziyisi-9 kuNcwaba ngelesikhombisa kusihlwa  kunedili lomculo umuntu angeke afise ukuphuthelwa yilo ngenxa yezihlabani eziboshelwe kulo. Lona lizoba seThe Playhouse Opera Theatre kanti umqondisi walo nguClare Mortimer ongusaziwayo kwezobuciko. Idili lomculo libophele uTu Nokwe; uDkt uNothembi Mkhwebane womculo namasiko esiNdebele; amaqembu kamasikandi abophele Izingane Zoma noVumile Mngoma. Umphathi wohlelo lapha kuyobe kunguDawn Thandeka King wezinkulumo ezikhuthazayo, ohamba phambili emdlalweni wethelevishini iLockdown noqokwe kumkhakha weBest Actress emdlalweni wethelevishini Uzalo.

Amathikithi abiza kusukela e-R120-R150. Ayatholakala ePlayhouse Box-Office noma ngokushayela inombolo (031) 3699 596/40 noma kuPick ‘n Pay Webtickets (ngemibuzo kungashayelwa inombolo u-086 111 0005.

Ijazz yamahhala

NgoLwesihlanu nangoMgqibelo ngelesihlanu  ntambama abathandi bejazz bangazijabulisa ngalolu hlobo lomculo mahhala ePlayhouse Foyer. NgoLwesihlanu kuyobe kunandisa iThe Lilitha Band kanti ngoMgqibelo kuyobe kunomculi wejazz-soul uSimthandile Mtolo oseke wabonakala kumaSA Idols, MTN Jazz Festival (KZN) ngowe-2012, waphinde wenza ezibukwayo kuDurban Business Fair Gala Dinner evulela iMafikizolo ngowe-2013. UMtolo uyobe eshiyelana inkundla nomculi uLu Dlamini osebenze noBrenda Fassie, uSipho ‘Hotsticks’ Mabuse, iMango Groove, uSteve Newman neSankomota.  Uyaziqambela umculo ngolimi lwesiZulu, isiPutukezi nesiNgisi.

Nezingane zihlelelwe iKiddies Fun Day eyoqala ngele-11 ngoMgqibelo ziyi-10 kuNcwaba ePlayhouse A1. UMadala Kunene noMandla Mamthsa bayobe bedlalela izingane.

Izingxoxo nemibukiso yemisebenzi yezandla:

UHlengiwe Dube uyingxenye ephelele yokwenzeka eThe Playhouse. Wengamele umbukiso wemisebenzi yezandla eyendlalwe eThe Playhouse complex kuze kuphele ifestivali. NgoLwesihlanu ngehora lesi-3 ntambama kuzobe kubanjwe ingxoxo okungenwa mahhala kuyo enesihloko esithi: Mental Health Awareness e-Alhambra Room. Ingxoxo izoba ngaphansi kwesihloko esithi: Don’t suffer in silence; don’t suffer alone; let’s talk. Kuyobe kuhlangene abezenhlalakahle, abezempilo nabaqhamuka enhlanganweni iBlack Umbrellas. Ingxoxo iyobe iqondiswa nguSlindile Xhakaza odume ngokweluleka intsha nokukhuthaza abesifazane.

Emini e-Alhambra Room ngawo uMgqibelo kuzoba nenye ingxoxo ngaphansi kwesihloko esithi Ethical Living, ezoqondiswa ngu-Okyere-Manu oyisenior lecturer eSchool of Religion, Philosophy and Classics e-University of KwaZulu-Natal. Ingxoxo ithinta izihloko ezihlukene ezifana nokukhuliswa kwengane ngendlela, ezemvelo nokunakekelwa kwezilwane.

Kuyobe kuboshelwe osaziwayo abafana noDkt uHerbert Moyo; uZenande Khumalo noRobin Opperman.

Show More