Ezemidlalo

Kubuya ithemba kumaqembu aseKZN

Kuntwela ezansi kumaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal abebhekwe

Kuntwela ezansi kumaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal abebhekwe isambane. La maqembu yi- AmaZulu FC neMaritzburg United.

La maqembu awazange ayiqale kahle isizini yakulo nyaka, okuwubufakazi balokho Usuthu luze lakhomba indlela uCavin Johnson indawo yakhe yavalwa uJozef Vukusic waseSlovakia. UJonhson uxoshwa nje kwakungenxa yokugqoza kwemiphumela, Usuthu lwalunamaphuzu amabili emidlalweni emihlanu luhleli emsileni ekhonjwa indlela.

Muva nje leli qembu laseThekwini selijike izinto njengoba emidlalweni emihlanu selokhu uVukusic athatha izintambo selinqobe imidlalo emithathu kwi-Absa Premiership ngaleyo ndlela lanyukela endaweni ye-12 kulogi.

Nomdlali osahamba phambili ngamagoli kule sizini uBongani Ntuli uqhamuka kulona Usuthu. Usevalele phakathi ayi-7.

IMaritzburg United nayo ayiyivulanga kahle isizini njengoba kuze kwanamahlebezi okuthi u-Eric Tinkler lingase ligcwale umoya ibhatshi kuye ngenxa yokungezi kahle kweqembu. IMaritzburg emidlalweni yokuqala eyisithupha yakwazi ukuthola amaphuzu amabili yathola induku emidlalweni emine.

Izinto zibe seziguquka njengoba leli qembu eliteketiswa ngokuthi iTeam of Choice emidlalweni emine elandelayo libe selinqoba imidlalo emithathu lihlula iCape Town City, iBaroka FC neChippa United ladlala ngokulingana ne-Orlando Pirates.

Ukwenza kahle kwaleli qembu kwakamuva ku-Absa Premiership sekulikhuphulele endaweni yeshumi kulogi. Ukubuya kwefomu yeMaritzburg United akugcini emidlalweni yeligi kuphela kodwa nasemdlalweni yomkhumulajezi yenza okufanayo.

Muva nje ibalwa namaqembu amane asele kuTelkom Knockout azodlala amasemi-final ngempelasonto mhla zingama-22 kuya zingama-23 kwephezulu.

Emidlalweni elandelayo iTeam of Choice izokwamukela iBloemfontein Celtics namuhla kusihlwa eHarry Gwala Stadium. Usuthu kusasa luzophinde lwamukele iChippa United emdlalweni ozobanjelwa ePrincess Magogo Stadium ngehora le-15:30.