Izembe ligawule kubaqeqeshi ababili kuPSL

LISHONE elanamuhla amaqembu amabili kuPremier Soccer League (PSL), engesanebaqeqeshi kulandela ukukhonjwa indlela. Izembe liqale ukugawula kuClinton Larsen weChippa United ladlulela kuCavin Johnson wa-AmaZulu FC.

USihlalo weChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi ukhulume ngokuxosha uLarsen ohlelweni lasekuseni uMhlobo Wenene FM.

Lokhu kwenzeke emva kokuthi iChilli Boys (iChippa United) iguqiswe i-Orlando Pirates ngamagoli amabili kwelilodwa emdlalweni obungoMgqibelo. ULarsen ubesehlale izinyanga eziyisishiyalombili kuleli qembu njengoba afika kulona ngoMasingana nonyaka ephuma kuLamontville Golden Arrows esiqeqeshwa uSteve “Mphathi” Khompela.

Efika uLarsen ethatha izintambo ku-Eric Tinkler izinto zazingayihambeli kahle iChilli Boys kodwa ngamava anawo wayisiza ekutheni ivike izembe, yagcina isonga isizini ilele endaweni ye-12.

Kwenzeka lokhu nje uLarsen ubesanda kuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili. Okwenzeke kulo mqeqeshi odabuka eThekwini kuyinto engathusi njengoba beyinqwaba abaqeqeshi abaxoshwa kuleli qembu.

Abanye ngoRoger Sikhakhane, uTeboho Moloi, uFarouk Abrahams, uMark Harrison, uJoel Masutha noDan Dance Malesela.

Ukuxoshwa kukaJohnson kuqinisekiswe ilona Usuthu. lo mqeqeshi uxoshwa bese kunesikhathi izembe limuzungeza, njengoba ngisho abalandeli bebengasamuzwa ngahle ngenhla yemiphumela engemihle.

Comments are closed.