Ezemidlalo

Isihlabani seBanyana Banyana sesiyogijima e-Italy

NguQHELANI MSWELI

UREFILOE Jane uqophe umlando njengoba ebengowokuqala wesifazene odabuka kuleli ukuyodlala e-Italy. URefiloe eseyodlalela i-AC Milan (Milan) egijima kuSerie A Women’s League, usayine inkontileka yonyaka owodwa. Ukudlalela iMilan kuzonikeza uRefiloe ithuba lokugijima kumqhudelwano omkhulu emhlabeni i-Uefa Champions League njengoba iMilan ihlala ikhona kulomqhudelwano.

URefiloe ongusekela kaputeni weBanyana Banyana ubesanda kushiya iCanberra United yase-Australia ngoMbasa 2019. Emidlalweni eyisi-8 ayidlalile kuCanberra uvalele phakathi amagoli amabili wakhanda elilodwa kusizini yowezi-2018/2019. Lentokazi edlala esiswini esidlale imidlalo engaphezu kweyi-100 kuBanyana Banyana isike yadlalela amaqembu afana neColchester United LFC, iMamelodi Sundowns neVaal University of Technology lapha eNingizimu Afrika.

URefiloe uthe, “Ngijabule ngokusayina neqembu elihamba phambili, iphupho lami lifezekile lokudlala ezwenikazi i-Europe. Angikaze ngidlale e-Europe phambili futhi kwakuhlezi kuyiphupho lami ukudlala kumaligi ahamba phambili emhlabeni.”

IMilan eqede endaweni yesithathu kuligi ngesizini eyedlule ngamaphuzu angama-51 emdlalweni eyama-22. Izothembela kumava kaRefiloe ukuba ayisize inqobe isicoco seligi eyagcina ukusinqoba ngowezi-1998/1999.

Umdlalo wokuvula iMilan izobhekana ne-AS Roma zili-14 kuMandulo 2019.

Show More

Leave a Reply

Olunye udaba

Close