Kuleli sonto kwelaboHlanga

IFrance neGermany nesivumelwano sezikhali

Sithathwa njengengqophamlando isivumelwano sokunikezelana ngezikhali phakathi

Sithathwa njengengqophamlando isivumelwano sokunikezelana ngezikhali phakathi kweFrance neGermany esisayinwe ngoLwesithathu phakathi kwabaholi bala mazwe, kodwa umbuzo omkhulu ongacishe uqede wonke lomshado ngothi lamazwe amiphi ngokuthumela izikhali zawo eSaudi Arabia.

Isivumelwano esibizwa ngeFranco- German Agreement sisho ukuthi lamazwe azosebenzisana nasekwakheni ombayimbayi abasha, amadrones namabhanoyi ezempi. Ngalesi sivumelwano kuzophinde kusuke umgoqo okhona phakathi kwala mazwe ekusebenzisaneni ekukhiqizweni kwezikhali nokusiza lawo mazwe anobudlelwane nawo kolwezikhali. Lesi sivumelwano sisayinwe edolobheni iToulouse.

Sekuneminyaka kungabonwa ngasolinye phakathi kweParis neBerlin ngenqubomgomo yokuthunyelwa kwezikhali kanjalo nemigomo yamalayisensi. Konke lokhu bekuyisithiyo ekusebenzisaneni kwala mazwe ekuqiniseni ezokuphepha phakathi kwawo nasekusungulweni kwemboni yezokuvikela e-Europe. Umbuzo omkhulu manje ngothi lamazwe ami kuphi ngokuthumela izikhali eSaudi Arabia. Leli lizwe lizidalele isigcwagcwa ngokuthinteka kwalo ekubulaweni kwentatheli yeWashington Post uJamal Kashoggi eziNdlini zeNxusa laseTurkey e-Istanbul ngonyaka odlule.

Ubufakazi bakamuva buveza ukuthi iNkosana yaseSaudi Arabia uMohammed bin Salman nabasizi bakhe baba nesandla ekubulaweni kukaKashoggi. Enkulumweni eqoshiwe uKashoggi uyazwakala ezicelela ukuthi bangamncishi umoya abamdedele abuyele kwingoduso yakhe.

Emuva kwalokho kuzwakala ububhudubhudu obuphetha ngomsindo omkhulu okungathi ngowokuqotshwa kwento ethile okusolwa ukuthi yisidumbu sakhe esacakazwa safakwa kumapotimende.

UMohammed bin Salman usamile ekutheni abazi lutho ngokubulawa kukaKashoggi owayedume ngokugxeka uHulumeni waseSaudi Arabia engosini yakhe ayeyibhala kuWashington Post.

Naphezu kwalokhu iFrance isamile ekutheni izoqhubeka nokudayisela iSaudi Arabia izikhali, kodwa iGermany yakumisa emuva kwalesi sigameko nokuthinteka kweSaudi Arabia empini yaseYemen.

Ukungaboni ngasolinye phakathi kweFrance neGermany ngodaba lwezikhali phambilini kwabambezela ukusebenzisana kwala mazwe ekukhiqizweni kwezikhali, kodwa kulokhu udaba lwaseSaudi Arabia kubukeka luzoqhubeka nokuba yiva elingabanguleki.

Ngaphansi kwesivumelwano esisayinwe ngoLwesithathu, iGermany izokwazi ukuba nezwi ekuthumelweni kwezikhali eFrance uma kukhona ukuvumelana kukho.

UMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron ukushayele ihlombe ukusayinwa kwalesi sivumelwano, kanti uShansela waseGermany u-Angela Merkel uthe kusemqoka ukulandela lokho okuvunyelwene ngakho ukuze ngokuhamba kwesikhathi bangazitholi sebesezinkingeni.

Abahlaziyi bezepolitiki bathi isinyathelo sikaMerkel sokungena kulesi sivumelwano kungenzeka simdalele ukukhuluma emaqenjini aphikisayo, kodwa yena uthi akaziboni izinkinga ezingabakhona.