Uchungechunge ngegalofu: Imisebenzi etholakala egalofini

Lo mdlalo awuthandwa ngabathile ngenxa yezizathu

Ezemidlalo | nguZakhele Nyuswa

Kuyancomeka okwenziwa abeMDC kwezemidlalo

Idinga ukushayelwa ihlombe iMultichoice Diski Challenge

Ezemidlalo | nguSabelo Maphumulo

IFast Eagles isizinda seBanyana

IMINYAKA ENGAMA-30: Kungenxa yokuzimisela koweDurban Ladies ukusunguleka kweqembu lesizwe labesifazane kuleli

Ezemidlalo | nguSabelo Maphumulo

UPitso ubuka kude ngekusasa likanobhutshuzwayo

Umthombo osondelene noMosimane uthe: “UPitso ungumuntu ohlale elambele ukwenza izinto abanye abasabayo ukuzenza. Indlela enza ngayo izinto ingathi use-Europe. Ngale nkulisa ufuna ukubumba abadlali abazohlomisa iBafana Bafana yenze kahle emqhudelwaneni efana ne-Africa Cup of Nations neFifa World Cup, iyeke ukuphuma ekuseni.

Ezemidlalo | nguLinda Ximba

Kuningi okubhekiwe kuNedbank

Imidlalo yeLast 32 yeNedbank Cup, eqale kuthangi ngoLwesithathu, ilindeleke ukuthi iqhubeke nokuhlabahlosa ngezigigaba ezizoshiya abalandeli bengawuvali umlomo. Sekuvamisile ukuthi lo mqhudelwano, ofaniswa neFA Cup e-England, ushiye amaphanta edemelayisa kwazise izimfivilithi zawo ziwashiswa amajezi ekuseni.

Ezemidlalo | nguLinda Ximba

Kube yicima ukuphemba kukaSinamiso eRussia

Usenkingeni usomankomane waKwaZulu- Natal onyonyobe wayolwa phesheya kwezilwandle eRussia ngaphandle kokuthola imvume yeBoxing South Africa (BSA). Ngokuthola kwaleli phephandaba, uSinamiso Ntuli ulifulathele leli ngesonto eledlule kwathi ngeSonto esiphuma kulo walwa noVadim Tukov eYantarny Sports Palace.

EZAMANKOMANE | nguLinda Ximba

Zithintitha osomankomane izihlabani zakudala

UHekkie “Hexecutioner” Budler, uThulani “Tulz” Mbenge noGabisile “Simply the Best” Tshabalala banethuba lokuvuka bazithathe njengoba betholelwe izimpi okumele bageze amagama abo ngazo. Bobathathu bahluliwe ezimpini zabo zokugcina, osekuqubule imicabango yokuthi bangumlilo wamaphepha.

EZAMANKOMANE | nguLinda Ximba

Ungalidlala igalofu ngokulingene iphakethe

Kuvamisile ukuthi umuntu odlala igalofu abizwe ngenjinga. Lokhu kungoba abaningi bathatha lo mdlalo njengodla kakhulu iphakethe. Abanye bakhala ngokubiza kwezimpahla ezigqokwayo uma kudlalwa lo mdlalo kanti abanye bakhala ngezinduku zokudlala, kuyilapho kukhona abababaza amanani okukhokhela ukudlala.

Ezemidlalo | nguZakhele Nyuswa

Seyihlonzile iligi yebhola yase-England

Kumaligi amakhulu emhlabeni eyase- England eyaziwa ngokuthi i-English Premier League (EPL), iyona esekucacile ukuthi iliphi iqembu elizoyithatha kule sizini yangowezi-2019/2020. Lelo qembu iLiverpool FC okusukela kuqale isizini ayikaze ihlulwe, ihamba phambili ngamaphuzu ali-19.

Ezemidlalo | nguSabelo Maphumulo

AwePSL asadukuza ontwini ngeyesibonelelo

Phezu kokuthi sekuphele izinyanga ezinhlanu kwamenyezelwa ukuthi amaqembu ePremier Soccer League (PSL) azokwenyuselwa imali yesibonelelo, sekuvele ukuthi namanje amakilabhu asakhangezile.

Ezemidlalo | nguLinda Ximba

Uchungechunge lwegalofu: Imithetho yegalofu

Kunemithetho eyahlukene kulo mdlalo wegalofu. Kunemithetho

Ezemidlalo | nguZakhele Nyuswa

Uyaqala umshikashika weSuper Rugby

Amanye amaqembu aseke anqoba lo mqhudelwano iBulls, kathathu; iBrumbies neChiefs, kabili; iReds, iWaratahs, iHighlanders neHurricanes, kanye.

Ezemidlalo | nguSabelo Maphumulo