Ezemidlalo

Bazimisele ukwenza ngcono kulokhu abe-U/20

  Abaqeqeshi bathi abadlali bakulungele ukumela

Umqeqeshi uThabo Senong namanye Amajita ngesikhathi sokuzilolonga

 

Abaqeqeshi bathi abadlali bakulungele ukumela isizwe futhi bazokwenza ezibukwayo badlulele esigabeni esilandelayo

 

AMAZWE alapha ezwenikazi i-Afrika abhekene nomqansa wokuthi aqede isinyama sokungezi kahle emqhudelwaneni omkhulu iNdebe YoMhlaba yabangaphansi kweminyaka engama-20.

Lo mqhudelwano oneminyaka engama-42 kwazise wasungulwa ngowe-1977 uqale izolo ePoland.

Okuwubufakazi bokuthi amazwe ase-Afrika awenzi kahle ingoba lilodwa vo izwe eselike lawunqoba, lelo lizwe iGhana eyawunqoba ngowezi-2009 kowawubanjelwe e-Egypt.

Nonyaka amazwe amele i-Afrika iNigeria, iMali, iSenegal kanye neNingizimu Afrika (Amajita). La mazwe akulo mqhudelwano nje ingoba enza kahle emqhudelwaneni we-African Cup of Nations (AFCON), eyayibanjelwe eNiger ngoMasingana nonyaka neyagcina inqotshwe iMali.

Iqembu okuyilo elike lizame ukwenza kahle iNigeria  esihlulwe kabili emdlalweni wamanqamu ngowe-1989 nangowezi-2005.

ISenegal iseqoqweni A izobambana ngezihluthu neTahiti, iPoland engosokhaya kanye neColombia. INigeria ikuqoqo D yona ineQatar, i-Ukraine kanye ne-United State of America (USA).

IMali yona eseqoqweni E ineFrance eyake yawunqoba lo mqhudelwano iholwa uPaul Pogba, iPanama neSaudi Arabia. Elakuleli lona liseqoqweni F linePortugal, i-Argentina kanye neKorea Republic.

Isekela mqeqeshi laMajita uHelman Mkhelele uthe abaziboni benza njengoba benza ngowezi-2017 bephuma esigabeni sokuqala.

“Ngesikhathi sikhetha isikwati okuyiso esizoza naso lapha ePoland bekunzima, kungekhona ukuthi abadlali bebengekho kodwa ingoba abadlali  bebebaningi kakhulu. Ngalokho ngichaza ukuthi abadlali esinabo bakulungele ukumela izwe, nakanjani bazokwenza kahle. Nasemidlalweni yobungani esiyidlalile bakhombisile ukuthi ababizwanga ngephutha,” kusho uMkhelele obambisene noThabo Senong.

Imidlalo ya-Amajita ihlelwe kanje owokuqala uzoba kusasa libumbene elesi-8 kusihlwa ne-Argentina, alandele neSouth Korea le midlalo izobanjelwa eTychy Stadium. Owokugcina uzoba mhla zingama-31 kwephezulu nePortugal eBielsko-Biala Stadium.

Selilonke iqembu la-Amajita lithakwe kanje:

Onozinti:

UKhulekani Walter Kubheka weCape Umoya FC, uKopano Lehlohonolo Thuntsane wePele Pele FC, Glen Tumelo Baadjies weMamelodi Sundowns FC

Izitobha:

UBrendon Thabo Moloisane noGadinkame Molebogo Modise beMamelodi Sundowns FC,  uKeenan Abrahams we-Ajax Cape Town FC, uGivemore Khupe weCape Umoya FC, Keenan Leigh Phillips weBidvest Wits FC, uFezile Gcaba uPela Pele FC noSbusiso Gideon Mabiliso wa-AmaZulu FC.

Esiswini:

USiphesihle Elwin Mkhize noPromise Lebo Mkhuma beMamelodi Sundowns FC,

u-Oswin Reagan Appollis noLuke Gareth Le Roux beSuperSport United FC, uNjabulo Blom weKaizer Chiefs FC, uLuvuyo Howard Phewa weReal Kings FC, noKobamelo Kodisang we-A.D. Sanjoanense FC.

Abagadli:

ULeo Thethani we-Ajax Amsterdam FC, uJames Thabiso Monyane wePele Pele FC, uLyle Brent Foster we-AS Monaco FC noThakgalo Khanya Leshabela (Leicester City) FC