Ipolitiki Yamazwe Ngamazwe

Bavale yonke imibuthano yezepolitiki eKinshasa

  IPHATHIMANDLA eDemocratic Republic of Congo

UMengameli wasDRC uMnu uFélix Tshisekedi

 

IPHATHIMANDLA eDemocratic Republic of Congo (DRC) zivale ukubanjwa kwayo yonke imihlangano yezepolitiki nemiviliyelo kuleli sonto enhlokodolobha iKinshasa  ngenxa yokushuba kwesimo kulandela ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabeseka uMengameli uFelix Tshisekedi nabeseka owayenguMengameli uMnu uJoseph Kabila.

UTshisekedi ungene kulesi sikhundla ngoZibandlela wezi-2018 emuva kukaKabila obesehlale iminyaka engaphezu kweshumi egoloza ekutheni kubanjwe ukhetho ngoba ethi isimo sezepolitiki asivumi.Lezi zigameko zakamuva eDRC zingahunyushwa ngokuthi noma uKabila esaphuma ebuholini, kodwa izwi lakhe lisazwakala kuleliya lizwe ngoba kubonakala usemkhulu umbango ekuholweni kwezwe.Ukushuba kwesimo eKinshasa kuqale ngokuthi uphiko lwentsha eqenjini likaTshisekedi iDemocracy and Social Progress Party (UDPS), limemezele ukuthi lizobamba umbhikisho ozophikisana nokuphakanyiswa kwegama lowayenguNgqongqoshe Wezobulungiswa ekutheni athathe isikhundla sokuba uSigele eHhovisi likaMengameli.

Ingakaligwinyi intsha, nalabo abeseka uKabila ababizwa ngamaRed Berets bamemezele ukuthi bazobamba imashi ezophikisana nalokhu, esikhundleni salokho baphakamise igama lika-Alexis Thambwe othathwa ngabaningi njengonamava nomlando omude womzabalazo ngasohlangothini olweseka uKabila.Usigaxamabhande wamaphoyisa eKinshasa uGeneral Sylvano Kasongo ekhuluma kuthelevishini uthe ngenxa yokubona ukushuba kwesimo babone kungcono ukuvala yonke imibuthano yezepolitiki kusuka ngasekuqaleni kwesonto.

“Uyalele amaphoyisa ukuba enze konke okusemandleni asebenzise nomthetho ukuze kuthi noma ubani ophazamisa ukusebenza kwamaphoyisa kuleli sonto, angabi nayo indlela yokwenza lokho ngoba azobe ekhona kuzona zonke izinkalo,” kusho okhulumela uphiko lwentsha i-UDPS uFils Mukoko oveze nokuthi bebefuna ukumasha nokubhikisha ukuze bazwakalise ilaka labo ngokubona ubuso obubodwa obulokhu busezintanjeni zokuhola izwe kanjalo nasezinhlakeni zikahulumeni.Uhlangothi lukaKabila olubizwa ngeCommon Front for Congo (FCC) yilona olwanqoba ngokuba nezihlalo eziningi eziNdlini zombili okuyiPhalamende nezifundazwe, kanti abalandeli bakhe yibona abaningi nabebengamele ukhetho londunankulu ezweni lonke.

Akukho nelilodwa ilungu elithulwe yiFCC ezikhundleni eziyisikhombisa zosigele eliphuma ohlangothini lukaTshisekedi ezifundazweni naphezu kwesivumelwano sokusebenzisana phakathi kwalezi zinhlangothi. Sekuphele izinyanga eziyisikhombisa uTshisekedi afungiswa kwesokuhola izwe, kwaze kwakhethwa noNdunankulu u-Ilunga Ilunkamba igama lakhe elaphakanyiswa uKabila kodwa namanje akukabibikho ukusebenzisana phakathi kweCATCH neFCC. Abajutshwe ukuhola izingxoxo basabamba beyeka behluleka ukufinyelela esivumelwaneni.