EzemidlaloUncategorized

Baqine idolo beqinisa iqembu ngoSangweni osemnkantshubovu

nguSABELO MAPHUMULO

UMDLALI oyinjini yeqembu iRichards Bay lasesifundazweni iKwaZulu-Natal eligijima kuNational First Division (NFD) uqine idolo emveni kokuba iqembu limemezele uThamsanqa Sangweni njengomdlali walo omusha.

UKhulekani Madondo oyisekela kaputeni weBay usho lokhu ngoba uyamthemba uSangweni ukuthi angabalekelela enkingeni ababhekene nayo.

Uphawule wathi; “Eqenjini lethu abadlali abanaso isipiloyoni esitheni, abanye bayaqala ukudlala ebholeni elikhokhelwayo. Ukufi ka kukaSangweni kuzoletha olukhulu uguquko eqenjini. Ungumdlali engimhloniphayo futhi indlela adlala ngayo iyangichaza ngoba uyamthola siya phambili umthole siya emumva.”

IBay kulogi isendaweni yesithupha isidlale imidlalo engama-23 inqobe eyisi-9 yadlala ngokulingana kweyisi-8, yahlulwa kweyisi-6 inamaphuzu angama-35.

Ngeledlule emdlalweni wayo lapho ibitholene khona nomkhaya bayo u-Uthongathi FC ihlulwe ngegoli elilodwa eqandeni.

Ephawula ngokwenze bahlulwa uMadondo uthe: “Njengoba ngishilo ukungabi nabadlali abanesipiliyoni abaningi yikhona okwenza sihlulwe kweminye imidlalo yethu. Silidlala lonke ibhola sintule umuntu noma abantu abakhulile abazosikhuthaza. Ngeledlule sasesingasaphelele njengoba umdlali wethu ashawa ngekhadi elibomvu sasesidinga umuntu ozodlala indawo yabadlali ababili. Uma ngingenzi kahle mina, uMicheal Gumede noma uPaseka Sekese iqembu lonke lifi le kwazise yithina esinamva.”.

USangweni odabuka eDondotha, eMpangeni uke wagijima emaqenjini amakhulu ku-Absa Premiership okubalwa khona a-AmaZulu FC, iMamelodi Sundowns, i-Ajax Cape Town, iChippa United ne-Orlando Pirates.

Emasontweni adlule ubezilolonga neMaritzburg United negcine ingamusayinisanga.

IBay eteketiswa ngokuthi iNatal Rich Boyz izobuyela enkundleni namuhla lapho izotholana khona ne-Ajax Cape Town, lo mdlalo uzobanjelwa e-Athlone Stadium ligamenxe elesi-3 ntambama. Umdlalo ongeke uze ube lula neze njengoba ne-Ajax izofuna ukunqoba nakanjani ukuze izibeke emathubeni okuyodlala amaplay-off okungena ku-Absa Premiership.

I-Ajax isendaweni yesibili kulogi emidlalweni engama-23 inamaphuzu angama-40, isele ngamaphuzu amahlanu kuStellenbosch esesicongweni.

UMadondo uthe umdlalo wanamuhla kumele bawunqobe noma yikanjani, ngoba uma bake bahlulwa bazobe sebephumile embangweni wokuyodlala amaplay-off.

“Ukuhlulwa kwethu ngeledlule kusifake kolukhulu utaku njengoba sekuphoqa ukuthi sinqobe yonke imidlalo yethu esele. Ukuze siyinqobe le midlalo esiya kuyona, yilo wanamuhla okumele siqale siwunqobe. Kunzima ukuthola amaphuzu amathathu eKapa uma siwathola konke kuzobe sekuba lula,” kusonga uMadondo.

Elinye iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal elisemathubeni okuthi lingadlala amaplay-off, iRoyal Eagles kwazise lisendaweni yesithathu kulogi ngamaphuzu angama-39.

Show More