EzemidlaloIzindaba

Asemi ngomumo amaqembu eMSL

nguQHELANI MSWELI

AMAQEMBU ayingxenye yomqhudelwano iMzansi Super League (MSL) ngoLwesibili aqoke abadlali azogadla ngabo kulo nyaka. Lokhu kuqokwa kwabadlali bekubanjelwe eWalter Sisulu Square, eSoweto. Iqembu ngalinye liqoke abadlali abali-15 lashiya isikhala somdlali oyedwa elizomqoka ngokuhamba kwesikhathi.

Emasontweni ambalwa edlule la maqembu okuyiPaarl Rocks, iDurban Heat, iJozi Stars, iNelson Mandela Giants, iTshwane Spartans kanye neCape Town Blitz amemezela abadlali baphesheya kwezilwandle abaseqophelweni eliphezulu azogadla ngabo. Aphinde amemezela abadlali ebaqokile kwabadlalela iProteas nebabuyisayo emaqenjini abekade benawo ngesizini eyedlule.

Abadlali baphesheya kwezilwandle bekhethelo abaqokwe kula maqembu emasontweni edlule uWahab Riaz odabuka ePakistan owaqokwa iCape Town Blitz, u-Alex Hales odabuka e-England owaqokwa iDurban Heat, uChris Gayle waseWest Indies owaqokwa iJozi Stars, uJason Roy odabuka e-England ozodlalela iNelson Mandela Bay Giants, u-Isuru Udana  waseSri Lanka ozogijima kuPaarl Rocks kanye noTom Curran odabuka e-England ozodlalela iTshwane Spartans. Bonke labadlali bazohlabana ngezigidi ezingu-R1, 2.

Kube sekuba khona ithuba lokuthi la maqembu akhethe kubadlali abadlalela iProteas nabo abazogoduka nezigidi ezingu-R1, 2. Kulaba badlali kubalwa uQuinton de Kock ozodlalela iCape Town Blitz, u-Andile Phehlukwayo obuyele ekhaya kuDurban Heat, uKagiso Radaba ozogijima kuJozi Stars, u-Imran Tahir ophindele kuNelson Mandela Bay Giants, uFaf du Plessis osazoqhubeka nokudlala kuPaarl Rocks no-AB de Villiers ozodlalela iTshwane Spartans.

NgoLwesibili amaqembu abe esegcwalisela phezu kwabo laba badlali. Abadlali abahambe phambili ngesikhathi kuqokwa uJP Duminy owayedlalela iProteas okhethwe iPaarl Rock uzogoduka nesigidi, abavikela isicoco iJozi Stars baqoke uTemba Bavuma ozohlomula izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu (R600 500), uVernon Philander usuke kwiDurban Heat wayojoyina iCape Town Blitz uzogoduka namakhulu amahlanu ezinkulungwane (R500 000).

IDurban Heat ezinze esiFundazweni iKwaZulu-Natal ayisalanga ngaphandle ithenga uDane Vilas owayengukaputeni weJozi Stars ngesizini eyedlule inqoba isicoco, yaqoka uRavi Bopara odabuka e-England yaphinda yathenga uShaun von Berg obedlalela iTshwane Spartans nyakenye.

Iphinde yaqoka uGary Kistern kwesokuqeqesha, uKirsten waziwa ngamava akhe njengoba asiza i-India inqobe iNdebe YoMhlaba ngowezi-2011.

Abadlali abaziwayo abangazange bakhethwe ngoLwesibili uRobbie Frylinck, u-Andrew Birch, uRory Kleinveldt, uDane Paterson, uDane Piedt, uSenuran Muthusamy, uGhihan Cloete, uKyle Verreyne noChristiaan Jonker.

Lo mqhudelwano ulindeleke ukuthi uqale zizinye kuLwezi uphothulwe zili-16 kuZibandlela 2019. Inkinga esabhekene nalo mqhudelwano usafuna abaxhasi emveni kokungavumelani neSupersport nyakenye ngoxhaso olwase lusemaphethelweni.

Okwenza le midlalo igcine isisakazwa kuSABC kuphela. Nakulo nyaka le midlalo izosakazwa nguSABC.

Amaqembu esewonke athakwe kanjena

ICape Town Blitz: uQuinton de Kock, uDale Steyn, uSisanda Magala, u-Anrich Nortje, uJanneman Malan, uDavid Bedingham, uGeorge Linde, uMarques Ackerman, uGregory Mahlokoana, u-Aviwe Mgijima. Abadlali baphesheya kwezilwandle uWahab Riaz, u- Asif Ali, uMohammad Nawaz bonke badabuka ePakistan, uLiam Livingstone odabuka e-England.

IDurban Heat: u-Andile Phehlukwayo, uDavid Miller, uDane Vilas, uKeshav Maharaj, uKyle Abbott, uKhaya Zondo, uMarco Jansen, uDaryn Dupavillon, uSarel Erwee, uMalusi Siboto, uPrenelan Subrayen, uWihan Lubbe,noShaun von Berg. Abadlali baphesheya kwezilwandle u-Alex Hales noRavi Bopara bobabili badabuka e-England.

IJozi Stars: uKagiso Rabada, uRassie van der Dussen, uReeza Hendricks, uTemba Bavuma, uDuanne Olivier, uSimon Harmer, uRyan Rickleton, u-Aaron Phangiso, uLizaad Williams, uSinethemba Qeshile, uNono Pongolo, u-Eathan Bosch, uDelano Potgieter. Abdlali baphesheyela kwezilwandle uDan Christian wase-Australia noChris Gayle odabuka eWest Indies.

INelson Mandela Bay Giants: u-Imran Tahir, u-Chris Morris, uJon Jon Smuts, uJunior Dala, uFarhaan Behardien, uBeuran Hendricks, uMatthew Breetzke, u-Onke Nyaku, uHeino Kuhn, uMarco Marais, uGrant Thomson, u-Akona Mnyaka, uNandre Burger. Abadlali baphesheya kwezilwandle uJason Roy wase-England, noBen Dunk odabuka e-Australia.

IPaarl Rocks: uFaf du Plessis, uJP Duminy, uTabraiz Shamsi, uHardus Viljoen, u-Aiden Markram, uBjorn Fortuin, uDwaine Pretorius, uCameron Delport, uSibonelo Makhanya, uHenry Davids, uMangaliso Mosehle, uFerisco Adams noKerwin Mungroo. Abadlali baphesheya kwezilwandle u-Isuru Udana odabuka eSri Lanka noJames Vince wase-England.

ITshwane Spartans: u-AB de Villiers, uMorne Morkel, uLungi Ngidi, uHeinrich Klaasen, uTheunis de Bruyn, uRoelof van der Merwe, uLutho Sipamla, uPite van Biljon, uTony de Zorzi, uDean Elgar, uWiaan Mulder, uVaughn van Jaarsveld noCorbin Bosch. Abadlali baphesheya uTom Curran odabuka e-England noWaqar Salamkheil wase-Afghanistan.

Show More

Leave a Reply

Olunye udaba

Close