Angenile amanzi endlini ngezibalo zeStats SA

KUBONAKALA usemkhulu umsebenzi obhekene nomqeqeshi weKaizer Chiefs u-Ernest Middendorp njengoba ezakhe zisanda kuthelwa ngehlazo i-Orlando Pirates ngamagoli amabili eqandeni emdlalweni weCarling Black Label Cup ngeledlule.EzaseNaturena (iChiefs) zifike kulo mdlalo emveni kokuthola induku eBotswana zihlulwa yiTownship Rollers ngamagoli amabili kwelilodwa. Amakhosi asepheke athulula abadlali nabaqeqeshi ezama ukulungisa isimo lapho sekuphele amasizini amane enganqobi nesisodwa isicoco kodwa kubukeka kunhlanga zimuka nomoya.

Leli qembu linezicoco eziningi ukwedlula wonke amaqembu akuleli kodwa muva nje izinto azihambi kahle njengoba lagcina ngesizini yowezi-2014/15 ukunqoba isicoco okwabe kuyi-Absa Premiership neMTN 8.Umqeqeshi uStuart Baxter owasiza Amakhosi anqobe iligi neMTN 8 wakhetha ukuwashiya okwavela imibiko yokuthi kwaba nokungaboni ngasolinye phakathi kwakhe nabaphathi.IChiefs yabe isiqoka uSteve Komphela njengomqeqeshi yize ayengakaze anqobe nesisodwa isicoco selokhu abangumqeqeshi ebholeni elikhokhelayo. UKomphela wahluleka wancama ukusiza leli qembu likwazi ukunqoba isicoco eminyakeni emithathu ayihlala kuloli.

Ngesizini yowezi-2015/16 laqeda endaweni yesihlanu kulogi laphinda ahlulwa kowamanqamu eMTN 8 neTelkom Knockout. Nangesizini yowezi-2016/17 laqeda endaweni yesine langanqoba nesisodwa isicoco.Okwathukuthelisa kakhulu abalandeli abase bekhathele ukubona iqembu labo lithelwa ngehlazo ukuqunjwa phansi yiFree State Stars emdlalweni wesemi final yeNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini okwaholela ekutheni abalandeli bagcwalwe enkundleni bekhala ngonkungenzi kahle kweqembu elalicijwa nguKomphela.

Ingcindezi yamphoqa ukuba ashiye maphakathi nayo isizini yowezi-2017/2018 kwaqokwa uGiovanni Solinas odabuka e-Italy. Lo mqeqeshi kwakubhekwe lukhulu kuye kwazise Amakhosi ayesanda kusayina abadlali abafana noKhama Billiat, uLeornado Castro, uVirgil Vries, no-Andriamirado Dax Andrianarimanana.Naphezu kwalokho iqembu laqhubeka nokuba ukudla kwenduku. Ngasekupheleni kwesizini yowezi-2018 iChiefs yanquma ukuyinqamula inkontileka noSolinas yalo ngenxa yemiphumela engemihle.

Yabuyisa u-Ernest Middendorp odabuka eGermany oseke wayiqeqesha futhu wayisiza yanqoba isicoco iSAA Supa 8 (esiyaziwa ngeMTN 8) ngesizini yowezi-2016/17. Uthathe izintambo kuSolinas waqedela isizini edlule iChiefs) iqede ngaphandle kweTop 8 yaphinde yathelwa ngehlazo ihlulwa emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup iTS Galaxy egijima esigabeni esiphansi iNational First Division (NFD).Emizamweni yeqembu yokususa isidanga sevondwe kule sizini iphinde yadedela inqwaba yabadlali ebingasabadingi abafana noPule Ekstein, uBongolethu Jayiya, uVirgil Vries, uRyan Moon noGustavo Paez.

Leli qembu kumalungiselelo alo esizini entsha liphumele ngaphandle kwezwe liyofuna abadlali abazokwazi ukulisiza libuyise isithuzi liphinde likwazi ukunqoba izicoco.Lisayine uJames Kotei odabuka eGhana, uSamir Nurkovic odabuka eSerbia, uKearyn Baccus odabuka e-Australia noLazarous Kambole odabuka eZambia kodwa umqeqeshi uthi ngeke bathembela kulaba badlali kuphela ukuba bashitshe izinto.Uphinde wathi wayenesifiso sokusayinisa uSphesihle Ndlovu noFortune Makaringe abagcine besayine nezimbangi ezinkulu i-Orlando Pirates.

UMiddendorp uthi ukubuya kuka-Itumeleng Khune owalimala ngoMasingana kuphinde kululame u-Erick Mathoho, uRamahlwe Mphahlele, uHappy Mashiane noLebogang Manyama ngokuphelele bakwazi ukuqala umdlalo kuzolisiza leli qembu likwazi ukuphonsa inselelo kwamanye amaqembu liphinde likwazi ukunqoba izicoco.IKaizer Chiefs izodlala umdlalo wokuvula isizini ekuhambeni lapho izogadulisana neHighlands Park eMakhulong Stadium ngehora le-15:00 ngeSonto. Nakulo mdlalo akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni?

Comments are closed.