EzemidlaloiBayede Kuleli Sonto

AMabhokobho ethubeni lokuthumela umyalezo kuyiwa kweyomhlaba

nguQHELANI MSWELI

 

UKUNQOBA kuhlala kuyintshisekelo yomuntu noma yeqembu elisemqhudelwaneni. Kanjalo naMabhokobhoko  akhombisa ngayo yonke indlela ukufuna ukunqoba umdlalo wawo wakusasa neNew Zealand womqhudelwano iRugby Championship ozodlalelwa eWestpac Stadium eWellington. Aya kulo mdlalo egcwele ukuzethemba njengoba ewunqobile umdlalo wokuvula edlala ne-Australia ngamaphuzu angama-35 kwali-17 akwazi nokuthola iphuzu elengeziwe.

Nama-All Blacks awunqobile umdlalo wokuvula edlala ne-Argentina enqoba ngamaphuzu angama-20 kwali-16. AMabhokobhoko ne-All Blacks bazosebenzisa lo mdlalo ukuzwana amandla ngaphambi kokuba babuye batholane phezulu kweyomhlaba njengoba beseqoqweni elilodwa. AMabhokobhoko aphumuze abadlali abali-13 abanohlonze emdlalweni abawudlale ne-Australia ngenhloso yokuba bahambe kuqala bayojwayela isimo saseNew Zealand baphinde bazilungiselele umdlalo wabo neNew Zealand.

Ithimba labaqeqeshi eliholwa uRassie Erasmus lithemba ukuthi lizosebenza kahle kakhulu namaqhinga abeza nawo azobasiza ukuba banqobe.“Sike sakwenza lokhu phambilini ukuhambisa abadlali ngaphambi kwesikhathi ngenxa yesikhathi esincane phakathi kwemidlalo. Ngaphandle kokwenza njalo ngeke size sibe sethubeni lokunqoba lo mdlalo. Sasho nasekuqaleni ukuthi into esiyifisayo uma sifika eWellington ukunqoba lo mdlalo wakusasa.” Ukunqoba kwezika-Rassie Erasmus  kuzozibeka ethubeni lokunqoba iRugby Championship njengoba zagcina ukuyinqoba ngowezi-2009.

AMabhokobhoko azoya kulo mdlalo ngaphandle kukakaputeni uSiya Kolisi olimale edolweni. Ubuyele eqenjini lakhe iWestern Province lapho elashwa khona kwabe sekuqokwa u-Eben Etzebeth ukuba yibamba kuze kube uyelulama.

Show More