Ezasexhibeni

Akuyona into elula ukulumula okusolimini kumuntu

Akuwona neze umsebenzi olula ukulumula ingane

Ukuncela ibele ngenye yezinto okungelula ukuhlukana nayo njengokukhipha ingane ebeleni

Akuwona neze umsebenzi olula ukulumula ingane ebeleni.  Ufanele ungabi lula lo msebenzi.  Wubani ongakujabulela ukuyekiswa ukudla okuyikhona aphila ngakho?  Akulula ukuyekiswa lokho okukuphilisayo.  Imizamo eyenziwayo yokuyekisa ingane ibele ihamba ihambe igcine iphumelele ingane ize ilikhohlwe ibele.  Umzukuzuku oba khona ekulumuleni ingane ugcina usuthinta bonke abomndeni kungaseyona inkinga kanina kuphela.  Ngenkathi ingane ilunyulwa ike isukeleke ibe wuqanduqandu ikhalela ibele.  Kugcina sekuthinteka nabadala bazame ukudambisa ulaka lwengane.

Igama elithi ukulumula aligcini ngokusho ukuyekisa ingane ibele. Kwamuntu omdala kukhona okuke kube nesidingo sokuthi alunyulwe kukho.  Uma kulunyulwa umuntu omdala lokho kusuke kuchaza ukuthi kukhona akukhonzile okufanele ayekiswe khona.  Isidingo sokulumula umuntu omdala kokuthile sidalwa ukuthi akufanele aqhubeke nalokho asuke ekwenza.  Okungumkhuba umuntu asehlale nawo iminyaka kodwa kubonakala ukuthi kungumkhuba ozomlimaza kuba nesidingo sokuthi makalunyulwe kuwo lowo muntu.   Akulula neze-ke ukulumula umuntu omdala kokuthile asekwenze isikhathi eside.

Osekuhlale kumuntu isikhathi eside kuba nezingxabo kulowo muntu.  Lezi zingxabo zidala ukuthi kuthi uma kulunyulwa lokho okulunyulwayo kudingeke amapiki nezimbo ukuze kumbiwe kuphume.  Kwakhona ukuba mdala komuntu kukodwa nje kwenza ukuthi umuntu ahomfe inkani yobudala angezwa lutho uma kulunyulwa okuthile kuye.  Kwehluke kakhulu ukulumula ingane kunokulumula umuntu omdala.  Kuyenzeka uthole ukuthi lokhu okudinga ukulunyulwa kumuntu sekuwumkhuba osuyisejwayezi kuye.  Osekuyisejwayezi kumuntu kuba yingxenye yempilo yakhe uthole ukuthi akasakwazi ukuphila ngaphandle kwakho.  Okunye okuba yisejwayezi kumuntu kuba yindlela akhuluma ngayo lowo muntu.

NoJesu imbala wagcina enesejwayezi sokubingelela abafundi bakhe.  Lesi sejwayezi sabe sithi: ‘Ukuthula makube nani.’ Abafundi bakaJesu base bemazi ngalesi sibingelelo sakhe ngisho bengamboni.  Emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo, uJesu wafika abafundi bakhe bezivalele besaba ukubulawa wezwakala esebabingelela ngokuthi: ‘Ukuthula makube nani.’  Abafundi bakhe babezivalele kungekho nencane intuba umuntu angangena ngayo.  Bamangala ukumuzwa uJesu esengaphakathi kule ndlu ababekuyo esebabingelela ngendlela eyabe iyisejwayezi sakhe.  Isejwayezi sokukhuluma komuntu senza ukuthi akushoyo, ngisho engakabonakali, kusheshe kwaziwe ukuthi ubani lona okhulumayo.

Akulula ukulumula isejwayezi sendlela ethile yokukhuluma kumuntu.  Kunzima ukulumula isejwayezi sokuthi athi uma ekhuluma isiZulu umuntu asixube nesiNgisi.  Uthi noma ethi uyazama uyamuzwa useyazixuba futhi lezi zilimi.  Umuntu ojwayele ukusebenzisa amagama athile enkulumeni yakhe usebenzisa lawo magama kumnyama kubomvu uma ekhuluma.  Umuntu osekwaba yisejwayezi kuye ukufaka amagama athi; ‘kahle kahle’ uwafaka la magama noma ngabe uzisholo okunye okungasondele nakancane kula magama.  La magama asuke esahlala olimini lwalo muntu kungaselula nakancane ukwehlukana nawo.

Kusuke sekufana nokusinisa amahleza uma uzothi kulo muntu akulungile ukusebenzisa kwakhe la magama ngendlela asuke ewasebenzisa ngayo.  Kukhona omunye othi ewuvula nje umlomo engakaze asho lutho umuzwe esethi: ‘Kusho ukuthi…’.  Naye lona bamkhuza ngapha nangapha abantu kodwa kungabi lula ukuwuyeka lo mkhuba wakhe.  Esinye isejwayezi sokukhuluma sidalwa yindawo akhulele kuyo umuntu.  Umuntu okhulele lapho kukhulunywa khona ngomfumbesi kungakhulunywa ngomnakwethu, uzomuzwa ngokuba nomfumbesi enkulumeni yakhe.  Okhulele lapho kuyeyezwa khona uma kukhulunywa, ulimi lwakhe luzogcwala ukuyeyeza.

Siyahlupha isejwayezi sokukhuluma ngoba noma ngabe sinokunhlanhlatha kolimi kodwa umuntu usebenzisa lokho osekwahlala olimini lwakhe.  Muhle umuntu othi noma enesejwayezi esithile sokukhuluma kodwa alalele uma elulekwa ngendlela elungile yokukhuluma.  Uyahlupha umuntu oba nesejwayezi esithile sokukhuluma bese ehomfa inkani uma elulekwa ngendlela efanele yokusebenzisa ulimi lwesiZulu.  Kuhle ukulalela uma welulekwa ngokusetshenziswa kolimi ngoba ulimi alufani nokwehlisa ngesiphuzo esibandayo.

  • UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.