S-Two

Akuvikelwe abafana, kuvikelwe ikusasa

Izinsizwa zesizwe nesizwe nazo ziyizimbali ngesingazo. Ziyinsika yesizwe ngoba ukuma nokusimama nokuvikeleka kwesizwe kwencikenkomo ohlotsheni lwezinsizwa ezikhiqizwa, zongiwe, zikhuliswe yileso naleso sizwe.

Lena yinkulumo oMnyama ayethule mhla ziyisi-5 kuMasingana eKokstad kwamukelwa abafana abekade beyosokwa

Ngabe angiyena umzali oqotho uma ngingaqali ngokubabaza imikhuba eyenziwa ngabantu ababukela phansi isiko lethu, empeleni nathi uqobo. Njengomzali neNkosi yenu kuwukhathazile umoya wami ukuzwa ukuthi nakulokhu abazukulu bami babafana balimele ngesikhathi behambele isiko elingcwele lokwelukwa. Ngokwemibiko kuthiwa bangama-25 abazukulu bami abasale enkundleni. Kimi akusona isibalo esimqoka ngoba ngokwami angifisi kulimale noyedwa kepha yindlela lokhu okuqhubeka ngayo.

Isenzo salaba bantu abenza leli siko ngokungemthetho nokubeka izingane engozini siwukuhlasela ubuthina. Uma singasukumi sonke njengabeNguni nama-Afrika ikhona ingozi yokuthi labo abangasifuni thina namasiko ethu bangene ngenxeba basijivaze abanye baze basho khona ukuthi kawavalwe. Akukhathaleki ukuthi lokhu kulimala kwezingane kwenzakalaphi kepha ngezethu lezi zingane. Olimaze ingane yomfana usuke enze okukhulu, empeleni usuke edale inhlekelele emangalisayo.

Kithi beNguni ingane yomfana njengaleyo yentombazane ibalulekile. Izintombi zesizwe nesizwe ziyizimbali kuso. Kulapho isizwe nesizwe esizibuka siziqhayise khona ngoba ziqhakaza zihlobe ngemibalabala kuhle kwezimbali entwasahlobo. Lobo buhle buyilungelo lazo kanye nesizwe ukuba buvikelwe ngazo zonke izindlela buze bufinyelele eqophelweni lokuba buthathwe, buchamusele ezinye futhi izimbali. Leli lungelo lezintombi kubalulekile ukuba laziswe futhi lihlonishwe njalo.

Ngakolunye uhlangothi, izinsizwa zesizwe nesizwe nazo ziyizimbali ngesingazo. Ziyinsika yesizwe ngoba ukuma nokusimama nokuvikeleka kwesizwe kwencikenkomo ohlotsheni lwezinsizwa ezikhiqizwa, zongiwe, zikhuliswe yileso naleso sizwe. Izimbali eziyizintombi ziyize leze ngaphandle kwabalingani bazo bezinsizwa okufanele ziganane nabo ukuze kuqholane imbewu neqanda, kuzalwe ezinye futhi izimbali. Ngakho-ke kuyilungelo lezinsizwa nesizwe ukuba le miqumbe yezimbali iphathiswe okwezikhali zaMantungwa ukuze kusasa sibe nesizwe esiqotho, esiqinile, esihloniphayo nesethembekile, salezi zinhla zombili ngokwehlukana ukuze kulandeleke ekhaya lapha ingane yomfana isuke ingubufakazi bokuqhubeka kwesibongo, umndeni nesizwe.

Enganeni yomfana kuphuma ongaba yinhloko yekhaya nomndeni noma umholi wesizwe. Yingakho uma sizwa ukuthi bayephuka singakafiki isikhathi sikhathazeka. Nokho sekwenzekile konke, salila sabuye sababaza njengoba nami ngenza nje kepha umbuzo uthi yini okumele siyenze. Ngabe kuyikho yini ukuthi bese kungenelela nabangewona amalungu alesi sizwe esiqhuba lelo siko? Sizwile ukuthi ngenxa yezigameko zokulimala kwabafana olunye uhlaka lukaHulumeni ngaphandle kokukhuluma noBukhosi selukhiphe isinqumo ngaleli siko kwezinye izindawo.

Kimi yize ngizibuza ukuthi kambe banalo yini ilungelo lokwenza lokho, umbuzo omkhulu ngothi kambe sifike kanjani lapha sekukhona abalimaza izingane zethu minyaka yonke kuthulwe nje? Ngobani laba bantu, bakhephi, khona lapho bakhe nabazalwa khona kuyaziwa yini lokhu abakwenzayo ezinganeni zethu. Uma sibazi kwenzeka okokuqala sitheni, benziwani, bezwa yini? Impendulo kulokhu imqoka ngoba asikwazi ukunika uHulumeni ilungelo lokuvikela izingane zethu thina singenzi lutho. Asikwazi ukulindela uHulumeni ukuthi avikele ifagugu nesiko lethu thina singenzi lutho. Izitatimende lezi engizwa zikhishwa yizinhlaka zoBukhosi azisho lutho uma uBukhosi bungakaze buhlangane bonke bubuke lo muga.

Njengoba ngizokwenaba eSandlwana emasontweni amathathu ezayo, njengoba kuqala ishuminyaka elisha nje, iminyaka eyishumi ezayo kumele kube yiminyaka yokwakha ubunye eBukhosini ngale kwepolitiki yamaqembu nezinhlaka ezikhona. Phakathi kwezinto okumele sibumbane kuzo wudaba lokuvikelwa kwamasiko.

Ngiyafisa ukubonga bonke abafana ngokuqhubeka ngokuba ngamanxusa esiko lethu. Ukuhamba kwenu kuwubufakazi bokuthi uma njengeNkosi yenu ngithi awavikelwe amasiko ngisuke ngingazikhulumeli nje mina kepha ngisuke ngikhulumela nina nonke nesizwe sonkana. Nina niyihawu kulabo abasihlaselayo abathi ngokwenza amasiko ethu siyanihlukumeza. Njengodadewenu ngoMhlanga kaniphoqwa muntu ukuthi nizisondeze eSihlalweni nasekwenzeni isiko lenu.

Ngiyabonga ukuthi niyaqhubeka nokwamukela izinguquko ezihambisana nesikhathi ekwenzeni leli siko nokwenza sizithokozele izibalo zoMnyango ezithi kusuka samemezela ngonyaka wezi-2019 sebevile esigidini abafana abadlule lapha futhi kubo akekho osenhlabathini ngenxa yamaphutha enzekile. Ngiyabonga nakubazali benu abangethembile njengeNkosi yabo ukuthi uma ngithi nizophepha niyaphepha. Ngibonga nakuMakhosi ezizwe nezinhlaka zoBukhosi okwathi uma ngiphakamisa ukuthi ake sifake isithako sesimanje ukuze kuhlengeke izingane bangangingabaza babona ukuthi inhloso kwabe kuwubuhle bodwa.

Ngiyakholwa ukuthi ekuvikeleni amasiko ethu kuhle siwabheke siwalinganise nesikhathi esikuso. Lokhu asikwenzi ngoba sithi mabi kepha sikwenza ngoba siqinisekisa isizukulwane esiphila ngaleso sikhathi siyakwazi ukubona isiko lelo lisebenza noma liyisixazululo ezinkingeni zansuku zaphuma. Isibonelo ngonyaka we- 1984 ngavezela izwe ubuhle boMkhosi WoMhlanga ekubhekaneni nenkinga ezayo okwabe kuyingculaza. Namuhla amakhulu ngamakhulu ezingane acashe ngaphansi kompheme wesiko ukuzivikela kulolu bhubhane. Lobu wubufakazi bokuthi nali isiko aliguqulwe kutheni kepha liyimpendulo yezikhathi zethu.

Ngifisa ukuphetha ngokwexwayisa labo abanombono wokuthi uBukhosi namasiko ethu aphelelwe yisikhathi. Kubo ngithi uBukhosi namasiko yingubo esambathise leli lizwe lethu. Uma kungesuka izwe leli lizobanqunu. Ngaphandle kwamasiko isizwe sizodlebeleka.

Ngaphandle koBukhosi intuthuko emakhaya ngeke yenzeke. Kulabo abafisa sishabalalale sithi bangakhongi inhlekelele, bangasukeli intabamlilo okuzothi ingadubula behluleke ukuyivimba.

Leave a Reply