Imbiza

Abathandi bezobuciko bazokhandelana eHilton

nguDEZ KHUMALO

Njengaminyaka yonke kusukela ngonyaka we-1993 iHilton College ephakathi koMgungundlovu neHowick izoba nombukiso wezobuciko ohlanganisa umculo, ingqayi, imidlalo yeshashalazi nobuciko bezandla.Kuba khona nezinkulumo ezakhayo ezibanjwa ngezinsuku zefestiveli. Eyangalo nyaka iThe Hilton Arts Festival izoqala zili-13 kuya zili-15 kuMadulo wezi-2019.

Eyakulo nyaka ifestiveli ibanjwa ngaphansi kwesimo esingemnandi emva kokudlula emhlabeni kukaJohnny Clegg okwenzeke ngoNtulikazi walo nyaka.Ukuxhumana kukaClegg neThe Hilton Arts Festival  wukuvuma kwakhe ukuthi iHilton Arts Festival iqambe uhlelo lwayo oluhlanganisa intsha yazo zonke izinhlanga nemiphakathi ngemidlalo yeshashalazi, umdanso nomculo ukuzakhela ikusasa kwezobuciko.

UJohnny Clegg wavuma ukuthi abaseHilton baqambe lolu hlelo ngeJongosi Programme.Kuzokhumbuleka ukuthi uClegg unengoma ethi:

-Hhayi We majongosi
-Hey, young warriors
-Azovimba Phambili
-They will overcome all challenges ahead
-These are the days you will remember
-These are the days of dreams …  

Ngokusho kuka-Ismail Mohamed, oyiSikhulu Esiphezulu eMarket Theatre, wabhala lawa mazwi ngelanga okwadlula ngalo uJohnny Clegg: “USue Clarence, uMqondisi Wezobuciko weThe Hilton Arts Festival uphethe isipho esiyisimangaliso asishiyelwa nguJohnny Clegg.”

Umculo:
Izintokazi zicula iBlues
NgoLwesihlanu zili-13 kuMandulo ligamenxe elesihlanu nangoMgqibelo ngelesine ntambama abathandi bejazz bayozibusisa ngomculo ohlanganiswe abaculi ngaphansi kwesihloko esithi: Ladies Sing the Blues. Abaculi ngo-Erin Fourie, uTanya Nicolson, uGrace Botha noHelen Vermaak.

Bayobe beshaya izingoma zeBlues neJazz ezibalelwa eminyakeni eyikhulu ziculwa ngamaciko ehlukene afana noBillie Holiday kuya ku-Amy Winehouse kusuka ku-Ella Fitzgerald kuya kuNorah Jones. Bayobe beshaya izingoma ezifana nalezi: iCry Me a River, iGeorgia on my Mind, i-I’ve Got You Under My Skin nezinye.
Indawo: i-Art Block eHilton College

 

UNatalie Rungan ekhonsathini
Le ntokazi enguNatalie Rungan isanda kwenza ezibukwayo kuSoweto International Jazz Festival nakuMakhanda Youth Jazz Festival. Uzobe edlala kuThe Hilton Art Festival okokuqala ehambisana nomdlali wopiyano uNeil Gonsalves noBruce Baker ezigubhini.

UNatalie wethembisa ukuqhulula izingoma asanda kuziqamba ezizoba yingxenye ye-albhamu azoyikhipha makhathaleni kulo nyaka, Abathandi bomculo bangalindela  umculo osezingeni lomhlaba wethulwa ngabaculi abanekhono langempela.

Indawo: iBand Room
Usuku: 14 kuMandulo
Isikhathi: 16:00
Ingqayi: Abathandi bengqayi bayozithokozisa ngamafilimu alandelayo”

Uncovered
Le ngqayi iqondiswe nguZuko Nodada kanti ibophele uFezile Makhanya, uNunu Khumalo, uSthandiwe Kgoroge ukubala babe mbalwa. Iyindaba ekhuluma ngobugebengu, ipolitiki nezimayini.

The White Line
Ingqayi ebhalwe yaqondiswa wuDesiree Kahikopo. Abalingisi abaqavile ngoGirley Charlene Jazama, uJan Barend-Scheepers noSunet Van Wyk. Yindaba egxile kwelaseNamibia ngaphambi kokutholakala kwenkululeko ngonyaka we-1963 lapho owesifazane woHlanga ezithola ethandana nephoyisa eliyiBhunu kade limfuna ipasi.

Imidwebo:
Kungabe ucabanga ukudayisa umdwebo wakho? Ukuhlolwa kwamanani imidwebo engathengwa ngayo kuyokwenziwa ngezinsuku zefestiveli phakathi kwelesi-9 ekuseni kuya kwelesi-5 ntambama eThe History Room Grinrod Bank Theatre Foyer. Uma ufuna umdwebo wakho ungene esilinganisweni esiyimfihlo ungathintana noSusie Goodman Susie@straussart.co.za kunombolo ethi: 0728967706/011 728 8246

Kuningi okunye okuzobe kwenzeka eThe Hilton Art Festival kwazise iba ngumfuziselo ophelele walokho okusuke kade kwenzeka kuMakhanda Arts Festival. Kunanamatende asabalele namagceke esikole sonke lapho kubukiswa kuthengiswe imikhiqizo enhlobonhlobo. IFestival iyogoqwa ngeSonto ntambama zili-15 kuMandulo.

Show More

Leave a Reply