IzindabaUncategorized

Ukhala ngesihluku samaphoyisa odutshulwe ngenjoloba ekubo

ngSIYETHABA MHLONGO

IPHENDUKE usizi emndenini wakwaMthethwa eHlalanathi, kwaDukuza imashi yomphakathi obuthukuthele ufuna kukhululwe ejele labo abasolwa ngokuba nesandla ekubulaweni kwamaphara abewuhlupho endaweni. Le mashi iphele kabuhlungu kuNks uSinethemba Mthethwa odutshulwe ngenhlamvu yenjoloba ebusweni nasengalweni yangakwesokudla yiphoyisa eliphume naye iqhubu esegcekeni kubo. UNks uMthethwa uthi okumfikisela ngobuhlungu ukuthi ubengeyona nengxenye yemashi, futhi nephoyisa belimsophile ngoba belimbona kahle ukuthi usegcekeni. Uthi nogogo wakhe wadutshulwa yileli phoyisa kodwa isimo sakhe asibanga sibi njengesakhe. Emuva kokuphuthunyiswa emtholampilo wendawo, uthi unikele esiteshini samaphoyisa kwaDukuza wavula icala lokulinyazwa. Ukhombise leli phephandaba amanxeba enhlamvu yenjoloba ebusweni okusale kancane ukuthi imlimaze esweni, kanti ingalo yakhe ayisebenzi selokhu elimele. Elandisa leli phephandaba uthe, “Ngangizihlalele ekhaya egcekeni nogogo ngesikhathi umphakathi umasha eHlalanathi ngisegcekeni ngibukela. Kuthe kusenjalo amaphoyisa aqhumisa isisi esikhalisa unyembezi umphakathi wahlakazeka. Elinye iphoyisa laqondisa ngqo inhlamvu ngasekhaya ladubula kwaze kwashayeka nogogo owayesegcekeni. Ngendlela engibuka ngayo ngisola ukuthi lento yayihleliwe,” kuzikhalela uNks uMthethwa. Uthi babonga khona ukuthi impahla yasendlini ayizange ilimale ngoba ngendlela okwase kuyiyo bebaleka isimo sasinzima kodwa iselula yakhe ayeyiphethe ngesandla yawa yalimala. “Ngifisa leli phoyisa lichaze kabanzi ngalesi senzo. Ngokomthetho siyazi ukuthi akuvumelekile nje ukudubula umuntu ongeyena ingozi”.

Kuthintwa amaphoyisa akwaDukuza akuqinisekisile ukuthi likhona icala elivulwe owesifazane lokudutshulwa ngezihlamvu zenjoloba elingunombolo 148/3/2013 kodwa ebelingakanikwa umseshi. Omunye wababeyingxenye yemashi yangeledlule ocele ukungadalulwa njengoba lolu daba lubucayi uthe abenelisekile ngendlela amaphoyisa asebenza ngayo endaweni njengoba evikela izigebengu. “Siyantshontshelwa kugqekezwe imizi kudlwengulwe nabesifazane sibike emaphoyiseni kungabikhona mnyakazo owenzekayo. Noma amaphoyisa siwatshela ukuthi izigebengu siyazazi ukuthi zihlalaphi awasho lutho kodwa uma sesizibambela mathupha kube yithi esiboshwayo,” kuchaza leli lungu lomphakathi. Livunyelwe ngelinye elithe bazoqhubeka nokufaka ingcindezi yokuba badedelwe ababoshiwe. IBAYEDE ithole ukuthi kunamacala amaningi abikwa yilo mphakathi ngokuhlukumezeka emaphoyiseni angalandelwa.

Show More

Ezinye izindaba

Close