iBayede Kuleli Sonto

Owakusasa ungagqabula igoda kuBaxter

nguQHELANI MSWELI

 

Nakuba kuyakhulunywa ukuthi iBafana Bafana isese-Egypt kungenxa yomusa lwamanye amazwe ayibonelele

 

UMDLALO wakusasa kusihlwa eCairo International Stadium okuyinkundla okungayi lutho olubuyayo kuyo yiwona ongase ushayelele isipikili seSouth African Football Association (SAFA) sokukhomba indlela umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uStuart Baxter.

IBafana Bafana izodlala ne-Egypt emidlalweni yeLast 16 ye-African Cup of Nations (AFCON) emveni kokudlula ngembobo yenaliti yenzelwa ufefe ngamanye amazwe.   

EzikaBaxter zadlala umdlalo wokuqala ne-Ivory Coast zahlulwa ngegoli elilodwa eqandeni, emdlalweni wesibili neNambia zanqoba ngegoli elilodwa eqandeni okwasho ukuthi kumele okungenani zidlale ngokulingana neMorocco ukuze zikwazi ukudlulela esigabeni esilandelayo zagcina zihluliwe nakulowo mdlalo ngegoli elilodwa eqandeni.

Ngenxa yohlelo olungajwayelekile  kulo mqhudelwano lokudluliselwa kwamaqembu amane alale indawo yesithathu kumaqoqo, iBafana ibenethuba lokudlulela esigabeni esilandelayo ithembele emiphumeleni yezimbangi ukuba ivume yona ukuze ikwazi ukudlulela phambili.

Ukudlala ngokulingana kweTunisia neMauritania, nokudlala ngokulingana kweCameroon neBenin, nokunqoba kweMali ngegoli elilodwa eqandeni ibhekene ne-Angola kusize iBafana ikwazi ukudlulela esigabeni esilandelayo.

E-Egypt, iMorocco ne-Algeria yiwona maqembu akwazile ukunqoba yonke imidlalo yayo yokuqala nabahlaziyi ababona ukuthi elinye lawo lingakhala lemuke nesicoco. Kunemibiko yokuthi uBaxter uhleli ngesinqe esisodwa e-Egypt futhi sekukhona abamlume indlebe ngokuthi uzothi ethi cababa eNingizimu Afrika ibhantshi ligcwale umoya. UBaxter uthi izinkulumo ezinjena azimkhathazi nakancane ngoba akamusha ebholeni.  “Siyile e-Egypt abadlali benza konke okwakufanele saphikwa yimiphumela,” kusho uBaxter

Okubuye kwambangele amazinyo abushelelezi kubalandeli beBafana ukungadlalisi kwakhe uThembinkosi “Nyoso” Lorch selokhu uqalile lo mqhudelwano. ULorch odlale kahle kakhulu ngesizini edlulile waze wachonywa uphaphe lwegwalagwala njengomdlali wonyaka. UGavin Hunt nguye obonakala ehamba phambili ongase angene azicathulweni zakhe. UHunt usenqobe izicoco ezine ze-Absa Premiership neSupersport neBidvest Wits.

IBafana selokhu yagcina ukunqoba i-African Cup of Nations ngowezi-1996, kanti kulokhu abemakhulu amathemba okuthi izokwazi ukubuyisa izinduku.

IBafana ayinawo umlando omuhle ku-AFCON, ngowezi-2004, wezi-2006, nowezi-2008 yaphuma zibekwa nje kulo mqhudelwano. Ngowezi 2010 nowezi-2012 yahluleka ukuwuhlungela  Ngowezi-2013 yaphuma kumaquarter final ngowezi- 2015 yaphuma zibekwa.

Ukubuyiswa kukaBaxter kwabuyisa ithemba lokuba angase afike nawo umhlabelo ngenxa yamagalelo akhe awakhombisa eqeqesha iKaizer Chiefs neSupersports. Kule midlalo eqhubeka e-Egypt uhlome nezithombo ezinhle ezivela la ekhaya naphesheya kwezilwandle okukhona kuzo uPercy Tau obengumdlali wonyaka eBelgium edlalela iRoyale Union Saint-Gilloise, uThembinkosi Lorch obengumdlali wonyaka kule sizini, uHlompo Kekana noThemba Zwane abanqobe iligi neMamelodi Sundowns noLebo Mothiba osize iqembu lakhe iStrasbourg laseFrance ukuthi linqobe iCoupe de la Ligue.

I-AFCON kusasa

  • INigeria ibhekene neCameroon ngehora le-18:00
  • IBafana Bafana idlala ne-Egypt ngehora lama-21:00
Show More

Ezinye izindaba

Close