Ezisematheni

Liyahloma eBaqulusini lingahle lidle abantu

OZULÁZAYITHOLE

 

Izinsolo zokumiswa kweMeya zingahle zibe yisiqalo sezinguquko ebuholini bukaMasipala nepolitiki yendawo

 

Uma kuza isichotho kubonakala ngokuquka kwesimo sezulu abaziyo bese besho ukuthi lizoyithela. Kokunye ngokubuka isimo basho ukuthi lingahle lidume licekele phansi izinto.  Yilesi sithombe esakhekayo kwipolitiki yaseBaqulusini. Ngalesi sikhathi ingxenye ethize ibilindele ukuthi kwenzeke okuthile kuloyo oyiMeneja kaMasipala  uMnu uBonga Ntanzi umbani liwukhombe kuloyo oyiMeya uMnu uJerry Sibiya. Ozul’ azayithole  sebengakuqinisekisa ukuthi lo mholi ubhale incwadi yesicelo sekhefu lezinsuku ezingama-30. Ngokuthola koZul’azayithole lesi sicelo esibe yisigubhukane singumphumela wempi engumshoshaphansi ethinta uSibiya, uSomlomo uMnu uMkhonyovu Khumalo, iMeneja uMnu uNtanzi kanye noMlawuli othunywe nguMnyango, uMnu uHlula Dladla.

QHUBEKA UFUNDE

Ngokomthombo uKhumalo noNtanzi bangasohlangothini olulodwa kanti uSibiya nomlawuli babekwa ngasohlangothini ngakolunye. Ukhuluma naleli phephandaba umthombo osondelene nalolu daba ubeke kanje:

“Ukube sisebholeni ngabe ngithi uSibiya udlaliswe umgogo wokuzithola esemhlabeni ongafanele yilezi zinkunzi ezimnyama (uKhumalo noNtanzi). Thina besazi ukuthi ngoLwesibili  esiphuma kuwo uNtanzi kumele kube usephezindulile  izinsolo ebezibekwe nguMlawuli. Ngokwazi kwethu izimpendulo zikaNtanzi bezizokwenza uMlawuli athathe isinqumo sokumumisa noma aqhubeke emsebenzini. Angithi konke lokho kumiswa bekuyogcina ngokubizwa komhlangano woMkhandlu ophethwe nguSomlomo ongumhlobo kaNtanzi. Uma ubungafisi ukuthi uNtanzi amiswe   obungakwenza  ukususa  iMeya okuyiyo enamandla okwelusa ukusebenza kweMeneja nenamndla okuvuma ukususwa kwayo neyethula isincomo eMkhadlwini”, kusho umthombo.

Uqhube wathi izinsolo ezibekwe kuNtanzi zibucayi kakhulu kanti kungenzeka ukuthi ziyamthinta noSomlomo. “Uyabona izinsolo ezibhekiswe kuFakazi zimbi uma ziliqiniso ngoba zimbeka njengomuntu ongathembekile. Nina nje kuleli phephandaba nikhiphe okucishe kufane ngesonto eledlule ngemikhuba okuthiwa yabe igilwa nguFakazi kwaNongoma. Uma uhlanganisa lokho nalokhu le nsizwa ibiphandle. Uma umuntu esevalelekile-ke wenza noma yini ukuze aphume. Ingwijikhwebu yokuthathiswa ikhefu kukaSibiya ayizenzekalelanga yeziwe ngabomu. Ngithi ‘ukuthathiswa’ ngoba angikholwa ukuthi uzithathele ngoba kaguli ndawo. Lokhu kuyingxenye yokubhutshisa umhlangano nayilapho iMeya ibizokwenza isiphakamiso sokuthi kaphenywe uNtanzi. uSomlomo umbobo kulokhu. Uzongibuza ungiphale ulimi mnewethu”.

Ozul’azayithole banayo incwadi ebhalelwe uFakazi nguMlawuli nemnika izinsuku ezithize ukuba aphendule ekutheni kungani engemiswe. Zikhona nezinsolo ethulelwe zona. Omunye umthombo uthe uSibiya uvuna akutshalileyo,   Uthe : Akukwazi ukuthi kufike umuntu ozobhubhisa ekhaya njengoba kukhona uDladla nje bese wena njengenhloko yekhaya ( okuyiMeya) ubonakala weseka loyo muntu. Ukusondelana kukaSibiya noDladla kanye nenye into ayenzayo ( kuvele ukuthi uSibiya unomlingani ongowelinye iqembu) yize kuyinto yangasese kwenza nathi nje ebesimthanda singabe sisamqonda. Kodwa engeke sikuvume ukuthi enziwe umhlatshelo kuxoshwe yena kusinde abantu abasolwa ngokukhulu nokubambekayo”, kusho umthombo.

Omunye umthombo osebuholini be-Inkatha uthe kusesekuseni ukudlala kwezulu, kusazomosha. “ Uyabona sike sawubuka umdlalo njengoba kade sisemhlanganweni weqembu, sabona amadoda esedle izevatho zeqembu ukuze abonwe yizwe ukuthi ayi-IFP enkulu. Khona lapho sibone sekukhulunywa noma yikanjani ngomholi. Uzobona, yi-IFP yethu lena siyayiqonda ukusebenza kwayo, sayibona kuMtshali owayeyi meya.  Umunwe usabheke kuSibiya okwamanje, empeleni imikhonto ibheke kuKhumalo noNtanzi. Siyafuna anikwe ithuba osolwayo (uNtanzi)  ngoba ukumisa imeya ngeke kwenze silibale ukuthi kukhona okusolwayo. USomlomo uyakwazi akwenze ngempelasonto Ondini . Kanti naye uSibiya unezakhe, angahle angabuyi, kuyozwakala!”, kusho lo mthombo

Leli phephandaba lithinte uSibiya ukuze lizwe ukuthi nembala umisiwe noma uhlabe ikhefu yini. Wenqabile ukuphendula wathi kuningi abakwenza njengoMasipala obekumele izwe lizihluphe ngakho.  “Uyabona esikufice lapha bekwehlule kepha manje sekuyakhanya ngoba sekucentiwe. Mina ngenza lokho iqembu elithi akwenziwe. Elisijube khona nje manje wukuthi sibe yizisebenzi zabantu, Lapho-ke ngingakuphendula ngikutshele ukuthi kwenzakalani,” kusho uSibiya nocele ukubeka phansi ucingo.

Ethintwa uMlawuli uMnu uDladla uvumile ukuthi kukhona incwadi ethunyelwe nguSibiya nokho wathi uzomphendula ngokusemthethweni ngoba nguMkhandlu okumele wamukele isicelo esinjalo nokunemithetho ethize elandelwayo.

Bethintwa abaholi bamaqembu amabili aphikisayo kuMasipala Abaqulusi, uMnu uSbu Mhlongo we-African National Congress (ANC) noMnu uSbu Nkosi weDemocratic Alliance (DA) bathe yizwe bezizwa ngomana lapha sikutshele nokho azikethulwa kubo ngokusemthethweni.

“Impela besingakabikelwa ngokusemthethweni ngaphandle kokuyizwa emakhoneni indaba. Thina esikulindele namhlanje ( ngoLwesine)  ukumiswa  kweMeneja uMnu uBonga Ntanzi ngemuva kokuphela kweskhathi abesinikezwe nguMnyango waKwaCogta ukuba aphendule zingakapheli izinsuku eziyisi-7 ukuthi kungani engexoshwe ngezinsolo zenkohlakalo nokungaphathi kahle”,  kusho  uMhlongo.

NoNkosi uhambe khona lapho. “UMkhandlu ubungakaziswa ngokusemthethweni ngaphandle kokuthi indaba besisayizwe nje ngama hemuhemu. Kodwa uma kungukuthi kunjalo i-Inkatha iyobe yenze elikhulu iphutha ngoba lokho sekuyosho ukuthi umasipala ngeke usasebenza kahle njengoba thina beDA siyobe sesinama-21 kuthi i-ANC ibe nama-22 emkhandlwini. Angazi-ke noma i-IFP ike yakucabanga yini lokho ngaphambi kokuthatha isinqumo esinjalo?” kubuza uNkosi ephetha ngankathinye.

Show More

Ezinye izindaba

Olunye udaba

Close
Close