EzemidlaloUncategorized

Kuminyene utshumo esicongweni

nguSABELO MAPHUMULO

IMIPHUMELA ye-Absa Premiership maphakathi nesonto yenze kwanzima ukuqagela ukuthi iliphi iqembu elizoba ngompetha uma sekusongwa isizini.

Emasontweni edlule abalandeli bakanobhutshuzwayo, bebesho amagama amaqembu amabili ukuthi lilodwa phakathi kwawo elingaba ompetha balesizini. Lawo maqembu yiBidvest Wits neMamelodi Sundowns. Kodwa ngoLwesibili kusihlwa konke lokho kuguqukile.

Muva nje asemane amaqembu asesethubeni lokuthi asengadla umhlanganiso okubalwa lawa angenhla, amanye iCape Town City ne-Orlando Pirates.

ICape Town City ihlule iSundowns ngamabili kwelilodwa, lokho kwenza yaba namaphuzu angama-39 emidlalweni engama-23. EzikaMosimane iSundowns obekuyizo ebeziqhwakele zehlele endaweni yesibili, zinamaphuzu angama-40 emidlalweni engama-22.

IPirates yona idlale ngokulingana lapho ibibhekene neBloemfontein Celtic, kodwa iphuzu elilodwa elitholile lenze yaba sesicongweni ngamaphuzu angama-40 emidlalweni engama-23.

IWits eyiqale kahle isizini yize ibingadlali yona maphakathi nesonto kodwa yehlele endaweni yesine, leli qembu elicijwa wuGavin Hunt selidlale imidlalo engama-22 lathola amaphuzu angama-38.

La maqembu womane asalelwe imidlalo enzima, okumnandi kakhulu wukuthi wona imbala asazotholana phezulu. Ngendlela isimo esiyiyo kubukeka sengathi iqembu elizoguqa kusukela manje lizosizwa ngendaba isicoco.

i-Orlando Pirates

Leli qembu elicijwa uMilutin “Micho” Sredojevic, emidlalweni eyisikhombisa eliyisalele lizodlala emine ekhaya lidlale emithathu ekuhambeni.

Ekhaya lizobhekana neBlack Leopards, iFree State Stars, iSundowns igcine ngePolokwane City okoba umdlalo wokugcina kuligi mhla zili-11 kuNhlaba nonyaka. Ekuhambeni khona lizodlala neBidvest Wits, iMaritzburg United, kanye neCape Town City.

UThembinkosi Lorch uyena obhekiwe ukuthi agqame kule midlalo ukuze akwazi ukuthatha isicoco somdlali ovelele, muva nje igama lakhe yilo elisahamba phambili ukuthi angadla umhlanganiso.

iMamelodi Sundowns

IBrazilians ecijwa nguPitso “Jingle” Mosimane kubukeka izothwala kanzima kule midlalo njengoba izodlala eminingi ekuhambeni. Kweyasekuhambeni izotholana phezulu neMaritzburg United, iBaroka FC, i-Orlando Pirates neFree State Stars. Yona ukuze inqobe le midlalo izobeka amathemba ayo kuThemba Zwane noLebohang Maboe.

iCape Town City

EzikaBenni McCarthy nazo imidlalo yazo ayikho lula neze. Zizotholana nePolokwane City, iHighlands Park kube iPirates le midlalo eyasekhaya.

Ekuhambeni zizotholana neLamontville Golden Arrows, iBloemfontein Celtic, iChippa United neBlack Leopards.

Amava kaKermit “Romeo” Erasmus ongumgadli waleli qembu angasiza kakhulu ukuthi uMcCarthy anqobe isicoco seligi okokuqala ngqa.

iBidvest Wits

Amagalelo kaGavin Hunt ongumqeqeshi waleli qembu iwona asengasebenza ukuthi linqobe le ligi. Imidlalo yeZitshudeni ithanda ukuba nzima kakhulu ikakhulukazi eyasekuhambeni, lapho zizobhekana khona na-AmaZulu FC, iSupersprt United, iCeltic ne- Arrows. Imidlalo yazo yasekhaya owePirates, iLeopards neBaroka.

Show More

Ezinye izindaba

Close