Ezisematheni

Iyagqisha ekaMsholozi

nguMandla Zulu

 

KULINDELEKE kube mnyama izitaladi zedolobha laseGoli mhla zili-15 kwephezulu njengoba abeseka uMnu uJacob Zuma sebeshilo ukuthi bazophuma bayomeseka ngelanga azovela ngalo phambi kweKhomishini kaMehluleli uRaymond ezondo ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso…

QHUBEKA UFUNDE

IBAYEDE ithole ngabeseka uZuma  okubalwa kubo abangamalungu oMkhonto Wesizwe Military Veteran Association (MKVA) kanye nenhlangano ehlale ihamba phambili kwabamesekelayo uma evela ezinkantolo, iRadical Economic Transformation (RET) ngemiyalezo abebethumelelana yona.

Kwesinye salezimemezelo esikhishwe ngenyanga edlule  kucashunwe, uMnu uCarl Niehaus okhulumela iMKVA enxenxa abalandeli bakaZuma ukuba baphume ngezinkalo zonke bazomesekela uma esevela ngaphambi kwalesi sigcawu eParktown.

Nezishoshovu zabaholi beRET azipholisanga maseko njengoba nazo zinxenxe abalandeli bakaZuma ukuba baphume ngobuningi ukuzomesekela.

UZuma uzovela kule Khomishini  ukuyoziphendulela ngezinsolo zokuthinteka kwegama lakhe ekuqhwagweni kwamandla ombuso, kanye nasezinsolweni zokuthi umndeni wakwaGupta ayesondelene nawo wawuthembisa abaholi abathile be-ANC izikhundla kuKhabhinethi ngesikhathi esenguMengameli wezwe.USihlalo weRET KwaZulu-Natal okuyisizinda sikaZuma, uMnu uNkosentsha Shezi ukuqinisekisile ukuthi kumanje bamatasa nezinhlelo.

Show More

Ezinye izindaba

Olunye udaba

Close
Close