EzemidlaloUncategorized

IMaritzburg izimisele ukumgcina unomphela uKateregga

nguQHELANI MSWELI

U-ALLAN Kateregga odabuka e-Uganda ungene ngesiwombe sesibili wavalela amagoli amabili ngenkathi iMaritzburg United ihlula iBloemfontein Celtic kowe-Absa Premiership, eHarry Gwala Stadium ngoLwesihlanu olwedlule.

Lokhu sekumenze isilomo kubalandeli beqembu iMaritzburg. Njengoba inamaphuzu angama-20 isemsileni welogi kusele imidlalo emihlanu. IMaritzburg United ingakugwema ukudliwa yizembe uma ngabe abadlali abafana noKateregga bezoqhubeka nokuvalela phakathi amagoli.

Ngaphambi kokuba uKaterrega azodlalela i-Maritzburg United, ubesadlale imidlalo eyisishiyagalombili kuyo yonke imincintiswano. Ukuza kwakhe kuMaritzburg United kumnike ithuba lokudlala, futhi okubaluleke nakakhulu, kumbuyisele nokuzithemba.

IMaritzburg yenza konke okusemandleni ukuze ingadliwa izembe, ukufi ka kwalo mdlali kube yinto enkulu emizamweni yabo yokuvika izembe. Ngisho abalandeli bachwaza inkundla yonke uma ezongena. Kwathi ngoLwesihlanu olwedlule, wathi esazilolongela ukungena yonke inkudla yayimemeza igama lakhe: “Katerrega”.

Wenza kahle kakhulu kulezi zinsuku. Lokhu kufakazelwa ngamagoli amabili eMaritzburg engcine inqobe ngama-2 kwelilodwa ihlula iBloemfontein Celtic ngoLwesihlanu odlule.

IMaritzburg United izimisele ukumgcina unomphela uma bengavika izembe. Okunye amanye amaqembu ahlanganisa iBaroka FC neSuperSport United kuthiwa amqhaphe ngelokhozi lo mgadli. Kungathatha kube nzima ukuba abuyele ekhaya kuCape Town City lapho ebanga indawo khona nabadlali abafana noGift Links kanye noSurprise Ralani.

IMaritzburg United ithembele ekutheni abadlali bafundile ekuzinikeleni kwabo ngesiwombe sesibili ngenkathi bebhekene neCeltic. Bafuna ukuthatha lokho kuzinikela bayenakho eTembisa lapho beyobhekana neqembu iHighlands Park ngoMgqibelo. UTinkler ezikhulumela ngomdlalo wabo neHighlands Park uthe.

“Isimo sengqondo sibonakala sisihle kakhulu kubadlali. Yilokho esikudingayo ngalesi sigaba.Kodwa ngesikhathi esifanayo abadlali bayazi ngokubaluleka kokuya eHighlands Park, nokuthola amaphuzu amathathu.” Uqhube wathi, “Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo wethu onzima kunayo yonke ngenxa yohlobo lwebhola abalidlalayo. Izinselelo eziningi zokuthola amabhola adlalwe phezulu nokubaluleka okuningi ekuwineni ibhola lesibili. Lona akusiwona umdlalo lapho singabheka khona ukudlala ibhola elihle kakhulu, kuzodingeka sidlalele amaphuzu amathathu. Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu, into ebalulekile ukugcina abafana benethemba nokuthi babenetshisekelo yokuzinikela.”

Keagan Buchanan uyena kuphela umdlali ozobe engekho kulo mdlalo wangoMgqibelo ngenxa yokulimala. Emdlalweni wabo wokuqala phakathi kwamaqembu amabili waphela zibambene ngamabili e-Harry Gwala Stadium. Lo mdlalo uzoba kusasa ngehora lesithathu ntambama eTembisa.

Show More

Ezinye izindaba

Close