Ezemidlalo

Ikhishiwe ohlwini impi kaTete olimele

nguSABELO MAPHUMULO

IKHISHWE ngomzuzu wokugcina ohlwini lwezimpi impi ebibhekwe ngabovu phakathi kukaZolani “Last Born” Tete wakuleli noNonito “The Filipino” Donairo waseRussia.

Obekwenza ibhekwe ngabovu ukuthi bekungeyona impi nje kodwa bekuzobe kuyimpi eyandulela owamanqamu omqhudelwano obizwa ngeWorld Boxing Super Series Bantamweight. Le mpi ibizoba ngeSonto ezintatha eCanundome, eLafayette, e-United State of America (USA).

Isizathu esenza ukuthi ikhishwe ohlwini le mpi yingoba uTete ulimale kanzima ehlombe, okuvelile ngokulimala kwakhe lo mshayisibhakela ngukuthi walimala ngoMsombuluko eziqeqesha. Okubuhlungu kunakho konke ngalesi sigameko ukuthi uTete emasontweni amahlanu edlule wafulathela elakuleli eyocobelela ulwazi ngaphansi kwesigungu iMayweather Boxing Club.

Kulesi sigungu ubeqeqeshwa ingqwele enguFloyd Mayweather Sr. olime indima enkulu ekutheni indodana yakhe uMayweather Jr aphathe izicoco zamabhande ngokuhlukana kwazo. Izinkulumo zemeneja yakhe uTete uMlandeli Tengimfene ngaphambi kokuputshuka kwalezi zindaba, ubekhombisa ukuthi uyamthemba lo somankomane.

Ekhuluma neBAYEDE ekhona e-USA uthe: “UTete ufunde indlela yokuvika izibhakela eziyishodi. Okuyikhona engicabanga ukuthi bekuzomnqobisa nakufunde muva nje, ukushesha uma ekhipha odalimede bezibhakela wena owabona uMayweather Jr.”

“UTete ubethole isikhathi esanele ukuzilungiselela le mpi, ngicabanga ukuthi akufundile kulo mqeqeshi onamava ayisimanga ubezokusebenzisa ngendlela ekutheni anqobe. Kule mpi bekuzothi kufi kwa emzuliswaneni wesi-7 uTete ubezobe esemginqe phansi uDonairo,” kuchaza uTengimfene.

Kule mpi uDonaire oyingqwele yeWBC Diamond Bantamweight, ubezobeka esitikini isicoco seWBA Super World Bantamweight bese uTete abeke eseWBO World.

Ulimala nje bekuvele eseqalile ukuhlukumezeka ngaphambi kwale mpi njengoba abaqeqeshi bakhe abathathu bebesele lapha eNingizimu Afrika ngenxa yokungalungi kwamaVisa abo. Labo baqeqeshi uMhikiza Myekeni, uLoyiso Mtya noZolile Tete onguyise kaZolani. UTete waqala isibhakela esikhokhelwayo ngowezi-2006, ezimpini ezingama-31 asezilwile unqobe ezingama-28 wahlulwa kwezintathu. Kulezi zimpi zingama-21 azinqoba ngokungqimuza isitha siwe phansi. UTete ubese kulesi sigaba nje kumaQuarter-Final wanqimuza uMikhail Aloyan waseRussia, kwathi uDonaire wephuca uRyan Barret wase-UK ibhande leWBA Super Bantamweight neleWBC Diamonds. Usomankomane osezobhekana noDonaire uStephon Young waseSaint Louis, eMissouri, e-USA. UYoung ebhandeni leWBA ukleliswe endaweni yesihlanu, bese kuthi ebhandeni leWBO akleliswe endaweni yesishagalolunye.

Ozonqoba phakathi kukaYoung oteketiswa ngokuthi uShowstopper noDonaire uzotholana phezulu kweyamanqamu nozonqoba phakathi kukaNaoya Inoue waseJapan ophethe iWBA World no-Emmanuel Rodriguez waseMexico. UTete ekhuluma nabezindaba uthe: “Ngiphuke kakhulu emoyeni ngoba sisebenze kanzima ukuzilungiselela la mpi engeke ngisakwazi ukuthi ngiyilwe. Ngizamile ukuqinisela kodwa inkani ngeke isize ngoba kumele ubhekane noDonaire ungumqemane. Ingalo yami kuyimanje ibuhlungu, leli shobolo lingehlakalele ngesikhathi esimbi ngiyolwa impi emqoka kangaka,” kuchaza uLast Born.

Show More

Ezinye izindaba

Close