Ezemidlalo

Bayanda abakuleli abenza kahle phesheya

nguSABELO MAPHUMULO

KUYE kujabulise ukubona abadlali bakuleli benza kahle emaqenjini abo aphesheya kwezilwandle.

Kwejwayelekile ukuthi abadlali bakuleli besayiniswe amaqembu aphesheya kodwa bagcine bebuya yize behambe benza kahle. Abanye balabo badlali nguKermit Erasmus owahamba ehlohla amagoli kodwa wafi ka izinto zambhedela.

Muva nje bonke abadlali bakuleli bazimisele kakhulu okukhombisa ukuthi basafuna ukuzinza emazweni abadlala kuwona. Yize bebaningi abadlali bakuleli abagijima phesheya kodwa lapha kubhekwa laba abadlala kumaligi amakhulu, nabaphinde begijime eqenjini lesizwe.

eFrance

Umdlali okunguyena ophakamise ifulegi lakuleli uLebo Mothiba odlalela iRacing Strasbourg. Kuleli qembu unqobe umqhudelwano weCoupe de la Ligue lapho ezakhe bezibhekene neGuingamp okuyiqembu likaLebohang Phiri naye wakuleli.

UMothiba usedlale imidlalo eli-19 wavalela phakathi amagoli ali-10, uPhiri yena usedlale imidlalo engama-23 akanagoli. Abanye abadlali abadlala eFrance uLyle Foster weMonaco kanti emidlalweni eyisishagalombili unamagoli amathathu, uBongani Zungu yize ebelimele kodwa usethe ebuya wabe edlala imidlalo emithathu eqenjini lakhe i-Amines. Kube uKeagan Dolly odlalela iMontpellier ngenxa yokulimala osadlale imidlalo emibili.

e-England

Kuligi yesibili kuleli lizwe i-English Championship, uKamohelo Mokotjo uyisethenjwa eqenjini lakhe iBrentford. Ngeledlule umdlalo uwudlale wonke benqoba ngamagoli amabili eqandeni bedla iLeeds United. Usedlale imidlalo engama-34 wavalela phakathi amagoli amathathu.

eBelgium

UPercy Tau odlalela iRoyal Union st Gilloise abolekiswe kuyona yiBrighton & Hove Albion yase-England, akubuzwa ukuthi uyisithenjwa nesithandwa kubalandeli baleli qembu. Usedlale imidlalo engama-29 washaya amagoli ali-10, phezu kwalokho usekhande inqwaba yamagoli.

Omunye odlala khona eBelgium uKart Abrahams odlalela iWasterlo. Naye wenza kahle futhi ijezi yinto ayitholayo. Usedlale imidlalo engama-24, washaya amagoli ayisikhombisa.

eHolland

Umdlali ogijima kuligi enkulu i-Eridivise uThulani Serero udlalela iVitesse. Usegijime imidlalo engama-34 wavalela phakathi igoli elilodwa. Ngeledlule usize iqembu lakhe linqoba ngamagoli amane kwelilodwa libhekene nePEC Zwolle. Ukhande igoli elilodwa wabe esewudlala wonke umdlalo.

Kuligi yesibili umdlali wakuleli odlala kuyona uLars Veldwijk ongumgadli, udlalela iSparta Rotterdam naye izinto zimhambela kahle njengoba emidlalweni engama-33 useshaye amagoli angama-21.

eChina

UDino Ndlovu odlalela iZheijiang Greentown ulokhu ewahlohle njalo amagoli. Emidlalweni eyisithupha useshaye ayisithupha. Ngeledlule uvalele phakathi amagoli amabili ezakhe zinqoba ngamabili kwelilodwa zihlula iKaixin.

Show More

Ezinye izindaba

Close