EzemidlaloKuleli sonto kwelaboHlanga

Ayiyi ukuyovika kodwa iyolwa iDowns

nguSABELO MAPHUMULO

NGELEDLULE iMamelodi Sundowns imangaze izigidi zabantu ibhaxabula iqembu okuyilo elikleliswe phezulu lapha e-Afrika i-Al Ahly SC. Lo mdlalo obekungowomlenze wokuqala wamaQuarter-Final uphele ngamagoli amahlanu eqandeni.

Yize kunjalo kodwa kubukeka imizuzu engama-90 yomlenze wesibili kwezikaPitso “Jingles” Mosimane izoba nzima kakhulu. Kungekhona ukuthi nayo iSundowns ingawathola amagoli amahlanu, kodwa abalandeli nakanjani bazokwenza isiqiniseko sokuthi ayikutholi ukuphumula.

Umuntu ozoba senkingeni enkulu ngunozinti okuzothi makuza amabhola ayingozi kuyena. Kunokwesabela ukuthi kuzoba khona izinto akhanyiswa ngazo emehlweni ukuze angeke akwazi ukubona ibhola.

Okunye okukhombisa ngokusobala ukuthi iSundowns ngeke ikuthole ukuphumula inhlangano ephethe unobhutshuzwayo lapha e-Afrika iConfederation of African Football (CAF), inikeze i-Al Ahly imvume yokuthi idayise amathikithi ayizi-30 000 ekubeni inkundla igcwaliswa abantu abayizi-45 000.

Lo mdlalo womlenze wesibili uzoba kusasa ngelesithupha ntambama, uzobanjelwa e-Egyptian Army Stadium.

Isitobha seBrazillians uWayne Arendse ephawula ngalo mdlalo uthe: “Umsebenzi wangeledlule asikawuqedi siphakathi nawo, kumele siwuqedele e-Egypt. Ukuhlohla kwethu amagoli amahlanu ngibona kwasisiza kakhulu ngoba buningi ubunzima esizobhekana nabo kulelaya lizwe. Ngalokho angisho ukuthi kumele sihlale emumva, kodwa sidlale ibhola esilaziyo lokuthi sihlasele ithuba uma livuma siphinde sibuye emuva ibhola umali phethwe yizitha,” kuchaza u-Arendse.

Amagoli eSundowns avalelwa phakathi, uThemba Zwane, uGistin Sirino, uRicardo Nascimento, uPhakamani Mahlambi no-Arendse.

U-Arendse eqhuba uthe: “Akukho ukuthuka esinakho sathuka sizwa ukuthi sizodlala nayo i-Al Ahly kodwa sayihlula ngamagoli amahlanu eqandeni. Into esiyifunayo ukuthi sishaye igoli kuqala kobe sekuwukunqoba kwethu lokho. Uma sike sabavumela ukuza kithina bazosithwalisa kanzima. Ukuzithemba kwabadlali nokubambisana kwabo yikhona okungiqinisa idolo lokuthi sizobaphoxa phambi kwabalandeli babo,” kusho lesi sitobha.

Nomdlali osefomini eyisimanga kuBafana beStyle uZwane oteketiswa ngokuthi uMshishi, ufakazele u-Arendse ngelokuthi konke kuzophelela e-Egypt.

“Iyangijabulisa indlela esinqobe ngayo ngeledlule kodwa lokho akuchazi ukuthi kumele sizithele ngabandayo e-Egypt. Sazi kahle ukuthi i-Al Ahly izosihlasela ngayo yonke indlela. Mkhulu umsebezni osasihlalele. Esidinga ukukwenza nje ukuthi singabaniki imvume yokuthi baphathe umdlalo, sidlale engathi asihambi phambili ngamagoli amahlanu,” kubeka uZwane.

Isiyonke imidlalo yamaQuarter- Final womlenze wesibili imi kanje:

Kusasa:

ITP Mazembe neSimba Sporting Club (eStade TP Mazembe, ngelesi-3 ntambama); iMamelodi Sundowns ne-Al Ahly SC (e-Egpytian Army Stadium, ngelesi-6 ntambama); i-Esperance neCS Constantine (eStade Olympique de Rades, ngelesi-9 kusihlwa); iWaydad Athletic Club neHoroya (eStade Moulay Abdellah, ngelesi-9 kusihlwa)

Show More

Ezinye izindaba

Close