Ezasexhibeni

Amukeleka kangakanani amagama entsha olimini

EZASEXHIBENI

KUNINGI ukukhuluma okuwukukhuluma kwentsha yodwa okungakhulunywa ngabantu abadala.  Zikhonyana kodwa izikhathi lapho uthola khona nabadala sekubangenile ukukhuluma kwentsha.

Kufanele phela kubangene nabo abadala ngoba yintsha yabo abaphila nayo.  Sekukaningi ngizwa nabantu abadala sebebiza izingane ezincane ngabashana.  Wulimi lwentsha lolu oluvele lubize ingane ngomshana noma eyakusiphi isibongo.

Kuvele kungakhathaleki ukuthi ingane ayaziwa kwakuthi izalwa ngumabani.  Kuthi ingaziwa ukuthi izalwa ngumabani kunjalo uyabezwa abantu bayibiza ngomshana.  Le ndaba yomshana ifana nekamalume.  Intsha noma yimuphi umuntu wesilisa omdala imbiza ngomalume.

Indaba kamalume isiyangena yathi ntshi nakubo abantu abadala.  Okuseqinisweni kunezinsolo zokuthi umalume lona intsha yamthatha kubantu abadala.  Leli gama likamalume laqhamuka nalaba besifazane abanezingane kodwa abangashadile.  Uma kwenzeka lona wesifazane ehlekisana nomunye umuntu wesilisa ongeyena uyise wengane, lona wesilisa ingane imbiza ngomalume.  Leli likamalume futhi lisetshenziswa kulaba bezimoto (okuvamise ukuba ngamaveni) abathutha izingane zesikole nezasezinkulisa.  Lagcina lehla ngohologo-ke leli gama likamalume lehlela entsheni yalichumisa-ke intsha.  Isingasolwa nje intsha ukuthi Ibiza noma yimuphi umuntu omdala ngomalume kodwa indaba isuka kubo laba abadala.

Intsha isilithathe leli gama likamalume yalisebenzisa uma ihlonipha umuntu omdala osezingeni lokuba ngubaba.  Usuhlangana nebhungu ongalazi nokuthi lizalwa ngumabani uyalizwa selikubiza ngomalume.  Ngiqale ngangayithanda le ndaba yokubizwa ngomalume yingane engingayazi ukuthi izalwa ngumabani.

Kuhambe kwahamba ngabona ukuthi intsha isebenzisa leli gama ukukhombisa ukuhlonipha umuntu omdala.  Kulapho-ke uma ngiqale khona ukweluleka intsha ngiyichazela kahle ngendaba kamalume.

Kwabaningi uthola ukuthi isibangenile le ndaba kamalume kangangokuthi sekulukhuni ukuyiyeka.  Bayezwa kodwa uma ubatshela ukuthi awukwazi ukusukela indoda ongayazi nokuthi ngeyakwabani isibongo uyibize ngomalume.

Elinye igama intsha osekucacile ukuthi ilisebenzisa ukuhlonipha abesilisa abadala yileli elithi ithayima.  Nalo leli ngaqqala ngacasuka uma intsha ingibiza ngalo.  Kuhambe kwahamba ngabona ukuthi intsha ayikuqondi nakancane ukuthi akulona igama lokuhlonipha umuntu ongangoyihlo leli.  Emveni kwalokho ngiqalile ngayifundisa intsha ukuthi ingabizi abantu abadala ngamathayima ithi iyabahlonipha.

Muva nje usethi umuntu omusha uma ethi sawubona thayima kimi bese ngimfundisa ukuthi angalisebenzisi leli gama.  Abaningi bebe xakeka ukuthi lone ngani leli gama.  Bagcine bezwa uma betshelwa ukuthi leli yigama abalisebenzisa uma bebodwa bekhuluma ngabantu abadala.  Akulona igama abangabiza ngalo abantu abadala.

Okunye engiqale ngangahambisana nakho yilokhu kokuthi intsha ibize umngane ngenja.  Thina sikhule kungumuntu omubi kabi umuntu obizwa ngenja.  Ngaqale ngangayizwa neze indaba yokubiza umngane ngenja.  Kuhambe kwahamba ngawushintsha umqondo.  Umqondo ngiwushintshiswa wukubona ubungane enabo inja nomnikaziyo.  Zincane kakhulu izilwane ezingabangane nabanikazizo njengenja.  Ngigcine sengivumelana nami nokubizwa komngane ngenja.

Lokhu kubiza umngane ngenja kodwa okwayo intsha hhayi abantu abadala.  Mina angikwazi ukubiza umngane wami ozwakala ekhaleni ngenja.  Le ndaba yomngane obizwa ngenja iyokugcina kuyo intsha hhayi kubantu abadala.

Kukhona okunye ukukhuluma kwentsha okungaqondakali kahle ukuthi kuhambelana kanjani nalokho okubhekiswe kukho.  Umuntu owenze isenzo esinobuhlakani noma esinobuqhawe intsha imbiza ngesikhokho.  Isikhokho intshela noma ingoloyi. Emakhaya isikhokho noma ingoloyi yinto engenamsebenzi walutho.  Iphiwa izinkukhu nezinja.

Igcina ingidida kakhulu le ndaba yokubiza ngesikhokho umuntu owenze ubuhlakani noma ubuqhawe.  Angazi kahle noma lokhu kuhambisana nenkani yesikhokho yini sinamathele ebhodweni singafuni ukusuka.  Uma kuwukuthi lesi sikhokho sobuqhawe noma sobuhlakani sihambisana nenkani yentslela, kusho ukuthi ngingakuvuma-ke lokhu.

Okubalulekile wukuthi intsha idinga ukucathuliswa ifundiswe kahle okuwulimi olufanele nalolo olulungele yona.  Abekho abantu abalalela njengentsha uma belulekwa ngezindaba zolimi.

UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.

Show More

Ezinye izindaba

Close