EzemidlaloUncategorized

Amakilabhu awabasebenzise abadlali

NGUSIKHUMBUZO NDLOVU

KUYANCOMEKA okwenziwa ibhange lakwaNedbank elasungula umqhudelwano webhola neqembu elibizwa ngeNedbank KeYona Team. Lona ngumqhudelwano ovundulula amakhono abadlali abangakagqami lapho abanye begcina sebegijima emakilabhini amakhulu kuPremier Soccer League (PSL) neNational First Division (NFD). Umdlalo ongifikelayo weNedbank KeYona Challenge Match, yilapho iKeYona Team Last 16 yehlulwa khona iFree State Stars ngamagoli amabili kwelilodwa eMakhulong Stadium ngoMandulo wezi-2018.

Phela iKeYona yayihlungwe yaqeqeshwa u-Ephraim ‘Shakes’ Mashaba, uKhabonina Zondo, uMike ‘Sporo’ Mangena no-Owen Da Gama. INedbank KeYona Team Last16 yayiqale ngabadlali abayizi-16 000 ababengenele ukuhlungwa ezweni lonke. Sancipha isibalo bagcina sebengama-23 okwaholela esikwatini sokugcina sabadlali abali-16 beNedbank KeYonaTeam Last 16 ababezodlala namakilabhu akumaligi aphezulu. Lo mcimbi wokuhlunga wawenzelwe enhlokohhovisi yakwaNedbank eSandton.

Kuyadingeka ukuba labo badlali bangalibaleki futhi bahlale besemiqondweni yabaphathi bebhola neziphathimandla ngokwehlukana kwazo ezweni kuze kuyoshaya kubaqeqeshi nabaphathi bamakilabhu ukuze lingafadabali ikhono labo.

Akumele lifenyiswe ngamabomu ikhono labadlali ababekade bedlalela iKeYona Team Last 16 ngoba lokho kuyosho ukuthi ayinamsebenzi walutho iNedbank uma kuwukuthi abanye balaba badlali ezweni bachithwa ngabaqeqeshi selibonakele ikhono kubo.

Kwakunomdlali weKeYona Team Last 16, uLwazi ‘Mugabe’ Mgwaba owayegqoke ijezi unombolo 18 komunye umqhudelwano. Ngezwa ngandlebenye ukuthi uhlala ehositela KwaMashu. Ngamthungatha iziqutshana ngingazi ukuthi ngizomthola kanjani ukuzomhalalalisela ngimfisele inqubekelaphambili.

Kunenkundla yebhola iNamba 1 KwaMashu okuzilolonga kuyo abadlali bebhola njalo ntambama engathola ukuthi uLwazi uzilolonga khona.

Wagcina esesekhempini yoSuthu lapho ahlala khona izinyanga ezimbili namasonto amabili, ekanye nenkakha uSiyabonga ‘Bhele’ Nomvete.

Omunye wabadlali beKeYona owaheha amakilabhu ePSL neNFD kwakungunozinti uThabo Mogotsi nokaputeni uNkanyiso Nene. Ngathola ukuthi uLwazi usedlalela iLaduma yasehositela okuyiqembu elalibizwa ngeKranskop United, isikhulu salo kunguLaduma Nkomo ongasekho emhlabeni.

Le kilabhu yayinabadlali ababeqhamuka eKranskop, eMtshezi iqeqeshwa nguZulu wasoLundi, eNkonjeni.

IKranskop United njengeLaduma yayinabadlali abavela ezigcemeni ezehlukene KwaMashu yize iningi labadlali laliqhamuka ehositela. Abadlali nabalandeli ababethanda iKranskop baze bayiqamba ngokuthi iLaduma United behlonipha isikhulu sayo uZulu. Kubonakala lizokwehla isasasa lokungena ekhethelweni leNedbank Ke Yona Team Last 16 uma laba bangaphambili begcina belahliswa okwenyongo yenyathi bengawatholi amakilabhu. Kuyosho ukuthi umsebenzi omuhle wokukhuthaza ezemidlalo entsheni nakwabadala ezweni uyize leze.

Show More

Ezinye izindaba

Close