EzemidlaloUncategorized

Alikho ithemba le-Olympics kumaBlitzbokke

nguSABELO MAPHUMULO

IQEMBU lakuleli lo mbhoxo iBlitzbokke lisengozini yokuthi kungenzeka imidlalo ye- Olympics ezobanjelwa eTokyo ngowezi-2020 liwubuke kuthelevishini njengoba izinto zingalihambeli kahle kusukela iqalile IHSBC Sevens World Series.

Emva kwemiqhudelwano emihlanu esidlaliwe yileli qembu elicijwa uNeil Powell lisendaweni yesihlanu ngamaphuzu angama-67 alikaze linqobe nowodwa umqhudelwano. Lokhu okwenzakayo kuyinto engajwayelekile njengoba kwagcina ngesizini yangowezi-2011/12 ukuthi elakuleli lingabalwa namaqembu amane aphezulu ekubeni sekudlalwe imiqhudelwano emihlanu.

Okwenza kubukeke sengathi iBlitzbokke kungenzeka ingayi eTokyo yingoba amaqembu amane aphezulu kuphela o azolibhekisa kuleliya lizwe ku- Olympics. Amaqembu aphezulu i-USA Sevens ngamaphuzu angama-98, ilandelwa iNew- Zealand Sevens ngamaphuzu angama-93, kube iFiji Sevens ngama-83 kuthi endaweni yesine kube i-England Sevens ngamaphuzu angama-68. Imiqhudelwano esele mihlanu ngaphambi kokuthi kusongwe le sizini iVancouver Sevens ezoba kule mpelasonto, iHong Kong Sevens, iSingapore Sevens, iLondon Sevens kuvalwe ngeParis Sevens. Imidlalo yeVancouver Sevens izoqala kusasa ize isongwe ngeSonto. Yonke izodlalelwa eBC Place Stadium, eCanada.

Elakuleli liseqoqweni A lapho liqhathwe khona neChile Sevens elele endaweni ye-16 ngamaphuzu amahlanu, iWales Sevens esendaweni ye-14 ngamaphuzu ali-13 kanye ne-USA Sevens.

Omunye wabadlali beBlitzbokke uSiviwe Soyizwapi ephawula ngesimo ababhekene naso uthe: “Asenzanga kahle neze emiqhudelwaneni eyedlule, ikakhulukazi kulo owedlule iLas Vegas Sevens njengoba sithole amaphuzu ali-10 kwangama-22. Amaphutha sesiwenze kwanela sekuyisikhathi sokuthi silungise. Kumele nakanjani sinqobe eCanada. Kuyinto esingeke sayifihla ukuthi sifuna ukusivikela isicoco sethu”.

AmaBlitzbokke aseCanada nje ngaphandle kwabadlali ababili abalimala ngeledlule uRyan Oosthuizen noMfundo Ndhlovu. UPowell umemezele ukuthi izikhala zabo zizovalwa uZain Davids noKurt-Lee Arendse.

U-Arendse oneminyaka yobudala engama-22 uzobe eqala ukugqoka ijezi lesizwe. Ungumdlali we-University of Western Cape edlala umqhudelwano wamaNyuvesi iVarsity Cup.

Selilonke elakuleli lithakwe kanje:

UZain Davids, uPhilip Snyman ongukaputeni, u-Impi Visser, uSako Makata, uWerner Kok, uJC Pretorius, uBranco du Preez, uSelvyn Davids, uJustin Geduld, uStedman Gans, uSiviwe Soyizwapi, uKurt-Lee Arendse noMuller du Plessis.

Show More

Ezinye izindaba

Close